Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke IzinseleloIsampula

Holy Emotions - Biblical Responses to Every Challenge

USUKU 13 KWEZINGU- 30

Lapho umama nobaba beshada, banikezwa ikhabethe elidala elalivela kubazali bakababa. Leli khabethe lalisendlini yezinkukhu zabo amashumi eminyaka, kodwa ugogo ozala ubaba wayecabanga ukuthi abazali bami bangalisebenzisa ekhaya labo ababesanda kushada. Leli khabethe lalimbozwe uthuli lweminyaka, udoti wezinkukhu kanye nezimpaphe ezingenakubalwa ezivela ezizukulwaneni zezinkukhu. Ugogo wazama ukulihlanza kodwa wakuthola kungenakwenzeka, ngakho wavele wayimboza yonke leyonsalela ngejazi likapende omubi, oluhlaza womnqumo.

Leli shalofu leibolile, eliluhlaza okotshani lalihlala ephaseji lethu eliphezulu ebuntwaneni bami.

Umama ekugcineni wanquma ukuba kukhishwe upende oluhlaza okotshani kulelo khabethe. Waliyisa kumngani womndeni owayesungule ibhizinisi lokulungisa izinto egaraji lakhe

Umama walilahla ngolunye usuku ekuseni, futhi ngakusasa, uMnu. C. wafona futhi wamtshela ukuthi adlule azolithatha. Wayengacabangi ukuthi wayelungise ifenisha eyonakele kangaka ngokushesha kangaka futhi wambuza ukuthi wayeliqede kanjani ngamahora angu-24 kuphela.

UMnu. C. wachaza, ukuthi njengoba ayecwaninga izici zaleli khabethe, waqaphela ukuthi lenziwa phakathi neMpi Yenguquko futhi lokho kwakuyifa eliyigugu. UMnu. C. wathi kufana nefenisha eyenzelwe uGeorge Washington ngokwakhe! Wenqaba ukulithinta futhi watshela umama ukuthi lalibiza amashumi ezinkulungwane zamaRandi.

Umama wagcizelela ukuthi uMnu. C. uyena ayefuna ukuti abuyisele esimeni lelikhabethe elonomlando. Kuthathe uMnu. C. izinyanga ukubuyisela ngokucophelela leli khabethe esimweni salo sasekuqaleni. Lapho uMnu. C. esekususile ukungcola, waqala ukulilungisa - ukulivanisha - nokulibuyisela ebuhleni obuhlosiwe.

Uyilelo khabethe- wenziwa ukuthi waziswe futhi unakekelwe. Kodwa esikhundleni salokho, ukhethe ukuhlala ehhokweni lezinkukhu futhi likufihle ngokugcola, izimpaphe kanye namashumi eminyaka okungcola. Futhi-ke, omunye uchwepheshe wokuzisiza onezisusa ezinhle usepende umbala wokuhlanza. UNkulunkulu ufisa ukususa konke lokho futhi akubuyisele ngobumnene nangothando ebuhleni bemvelo bendalo Yakhe. Ingabe uzoMvumela ukuthi enze lokho? Udalwe ngomfanekiso Wakhe ukuze ube yingxenye yesu Lakhe kulesi sikhathi emlandweni.
Usuku 12Usuku 14

Mayelana naloluHlelo

Holy Emotions - Biblical Responses to Every Challenge

UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga u-Carol McLoed and Just Joy Ministries ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com