U-Ruthe, Indaba yokuHlengwaIsampula

Ruth, A Story Of Redemption

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Umi ngaphandle

Namuhla siqala ukubona ngempela ukuphatha kanye necebo likaNkulunkulu emsebenzini njengoba uRuthe eqala impilo yakhe entsha eBetlehema. Ungazicabanga unguye? Wayengumfelokazi owayevela kwelinye izwe elalingahlonishwa. Wayesanda kukholwa. Konke kwakukusha futhi engakujwayele. Nginesiqiniseko sokuthi ubesabhekene nosizi lokushonelwa umyeni wakhe. Kodwa kukho konke naphezu kwayo yonke imizwelo, wabambelela ekwethembeni ayenakho kuNkulunkulu.

Ekuqaleni kwesahluko 2, uRuthe uthatha isinyathelo sokuya ensimini ayokhothoza ukuze abeke ukudla etafuleni. Ngokomthetho wamaLevi (uLevitikusi 19), abavuni babeyalwe ukuba bangakhothozi insimu yonke, kodwa bashiyele abampofu izinsalela. Akukhona nje ukuthi uRuthe wayephuma eyokwenza umsebenzi onzima wokuqoqa izinsalela, kodwa wayethobisa.

Kungena uBhowazi, umhlengi! UBhowazi ufanekisela kuyo yonke lencwadi uJesu Kristu, uMhlengi wethu. Isithombe esihle sikaJesu ethatha isoni wasigona ezingalweni zakhe ezinothando. Pho ingubani le ndoda okuthiwa uBhowazi? Siyazi ukuthi uhlobene ngokomshado noNawomi. Siyazi ukuthi uyindoda endala enothile futhi esimeme emphakathini. Igama lakhe ngokwezwi nezwi lisho "amandla." Siyazi ukuthi ubaphatha kahle abasebenzi bakhe nabantu angabazi. Okubaluleke kakhulu, siyazi ukuthi ungumuntu kaNkulunkulu.

Ngemva kokuba uBhowazi ebone uRuthe ensimini yakhe futhi ebuza ngaye, umtshela ukuba ahlale ensimini yakhe futhi uzoqiniseka ukuthi uyanakekelwa. Lapho enikezwa isipho somusa esinjalo, uRuthe uwela phansi abese ebuza ukuthi kungani uBhowazi embonise umusa ongaka. Khumbula, uRuthe wayengumMowabi, kodwa uBhowazi wenza okungaphezu kokumshiyela izingcucu.

Embuzweni wakhe womusa, uBhowazi ukhuluma amazwi amahle. UBhowazi akagcini nje ngokubona ubuhle bangaphakathi nobuntu bukaRuthe, futhi usho isibusiso phezu kwakhe.

UNkulunkulu ufisa ukusithatha sonke - owezizwe, ompofu, onomzwangedwa, ophukile, onomumyu, sonke - ngaphansi kwamaphiko akhe. Ufisa ukukuvikela nokukhoselisa WENA. Ukukulethela induduzo nenjabulo. Isifiso sikaBhowazi ngoRuthe siwumfanekiso wesifiso sikaNkulunkulu ngathi. Ukuze sonke sithole ukuphumula nesiphephelo ngaphansi kwamaphiko Akhe. UNkulunkulu ufuna ukukuvikela futhi akuvumele ukuba ukhule ube umuntu akudalele ukuba ube nguye.

Lapho uRuthe ebuyela ekhaya kuNawomi, wabuya nokudla okuningi kunalokho ayekucabanga. Ezinye izazi zikholelwa ukuthi uRuthe wahamba nokudla okwanele unyaka! Mngani, namuhla kungenzeka ukuthi ufuna izinsalela zethemba noma ukuphulukiswa, kodwa uNkulunkulu ufuna ukukunika okuningi kakhulu! Bheka kusengaphambili ukuthi uNkulunkulu uzokunikeza okungaphezu kwalokho ongathemba noma ukukucabanga!

UmBhalo

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Ruth, A Story Of Redemption

Bambalwa abantu esihlobene nabo ngokomzwelo eBhayibhelini ngaphezu kukaRuthe; umfokazi ompofu ongumfelokazi owenza uNkulunkulu waba ngowokuqala kuye futhi ebuka njengoba eshintsha ukuphila kwakhe. Uma ufuna isikhuthazo ezimweni zakho, ungaphuthelwa lolu hlelo lokufunda!

More

Sithanda ukubonga uBrittany Rust ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: brittanyrust.com