Imininingwane ngohlelo

UkubekezelaIsampula

Patience

USUKU 4 KWEZINGU- 6

Ukuba umzali Nokubekezela

Siyimpahla kaNkulunkulu uqobo, singabantu bakhe abakhethiweyo. Ukufunda kwethu namuhla kusikhumbuza ukuthi ngaphambi kokwazi uKristu sasinomqondo ophuphuthekisiwe wokuzazi.  Ukubekezela kwethu kuyakhula njengoba sikhula ekuqondeni kwethu ubuntu bethu obusha kuKristu. Sithola ukwazi ukuthi singobani, singabaka bani, nokuthi uBaba wethu osezulwini ungubani. Lapho sazi ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uyasithanda futhi uyasamukela, singalinda ngesineke noma sikhuthazelele izimo ezinzima. 

Ukuba umzali kungasivivinya ngokuqinisekile ukubekezela kwethu, ikakhulukazi lapho kufanele siyale izingane zethu. Lapho izingane zami zizwa ukuqinisekiswa kothando lwami ziyakhula ekwethembeleni kwazo kimi njengomqaphi wazo. Indodakazi yami encane ithanda amaswidi, kodwa angikwazi ukuyivumela ukuthi ibe namaswidi esidlweni sakusihlwa. Kodwa njengoba ithemba lakhe ebuholini bami likhula uthola kulula ukusabela kahle egameni elithi “Cha” kanye nokulinda ngesineke uphudingi.  Unkulunkulu uyasithanda futhi singalinda ngesineke ukuthi izithembiso zakhe zigcwaliseke ezimpilweni zethu ngoba sithembele kuye futhi siyazi ukuthi singabantwana bakhe. 

Uhlelo lokusebenza 

Ingabe uyakholwa ukuthi wamukelwe futhi uthandwa nguNkulunkulu?

Ingabe uyathemba ukuthi uNkulunkulu ukukhathalele?

Lesi sambulo sikubekela kanjani inselele endaweni yokubekezela?

Umthandazo

Nkulunkulu othandekayo, ngisize ngikholwe futhi ngazi ukuthi ngikhethekile kuwe. Ngiyabonga ukuthi ngingumntwana wakho futhi unginikeze ubuntu obusha. Ngisize ngikwethembe kuzo zonke izimo. Ameni


Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Patience

Sithemba ukuthi lolu hlelo lokufunda luzokukhuthaza ukuthi uthathe uhambo lokuhlakulela isithelo sokubekezela empilweni yakho. Eminyakeni embalwa edlule sithole ukuthi nakuba izimo zingajabulisi ngaso sonke isikhathi, uN...

More

Sithanda ukubonga iDisciple ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://thekristencollection.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo