Abalingisi bePhasika: uSimoni PetruIsampula

The Characters of Easter: Simon Peter

USUKU 9 KWEZINGU- 10

Asazi ukuthi uPetru wayaphi ngemva kokuphika kwakhe. Akekho, njengoJohane nomama kaJesu uMariya, phansi kwesiphambano ngenkathi uJesu efa. Kodwa siyazi ukuthi kungenzeka ukuthi akazange abuyele ekhaya. 

Esikwaziyo ukuthi izinsuku ezimbalwa ezilandelayo kufanele ukuthi zazinzima kakhulu kuPetru. Ephazanyiswa ukuziphatha kwakhe ngobusuku bokuboshwa kukaJesu futhi engaqiniseki ngokuthi ikusasa lizobanjani, uPetru wayebheke kwalasha wokungaqiniseki. Inkosi ayecabanga ukuthi izomisa umbuso kaNkulunkulu futhi igumbuqele amaRoma yayibola ethuneni elibolekiwe. 

Ngaphandle, uma, wayengenjalo.

Usizi lukaPetru lwangeSonto ekuseni lwaqunywa ukuvakashelwa okungazelelwe kweqembu labesifazane ababephefumula kanzima bephelelwa umoya beholwa uMariya Magdalena noMariya, unina kaJesu. Babengakwazi nokukhipha amagama. Lokhu ababekusho kwakungathi kuyahlanya. Cha, empeleni bekungakholakali. Umzimba kaJesu, awukho? Lokhu kwakungenakwenzeka. Ithuna beliqashwe ngezokuphepha eziqinile zamaRoma. Itshe elisindayo lalivale umnyango wokungena. O, futhi kukhona le mininingwane omcane wokuthi izidumbu azivele zivuke futhi. Kodwa laba abesifazane babeqinisekile. Futhi baphatha izwi ikakhulukazi kuPetru. uMarku ubhala isenzakalo ethuneni lapho indoda egqoke ingubo emhlophe inxusa uMariya, “Nitshele abafundi bakhe kanye noPetru” (NgokukaMarku 16:7).

Kanye noPetru. Lawa mazwi amabili enza ukuba uPetru asuse ubuthongo emehlweni bakhe bese egijima ebheke emhumeni lapho uJosefa wase-Arimatheya, umsizi ocebile, wakhokha khona ukuze kungcwatshwe uJesu. Lapho uPetru efika, wabona lokho abesifazane abasanda kukubona: umgodi ongenalutho, itshe eligingqiwe, futh, okusho okukhulu, izingubo zikaJesu zasethuneni ezazisongiwe. 

Indaba kaPetru ifinyelela kumvuthwandaba esigcawini uJohane asendlalayo: isenzakalo ogwini esifana, cishe ngokuphelele, incazelo uLuka asinikeza sona ekuqaleni kohambo lukaPetru noJesu. Akulona iphutha, noma ukuqondana nje ukuthi iNkosi iqeda iminyaka Yakhe emithathu noPetru ngesimangaliso esifanayo: usuku olungenazithelo lokudoba, ukujikijelwa kwamanetha ngokungabaza ukuze kujabulise uJesu, kanye nesikebhe esigcwele izinhlanzi. 

Ukristu usafuna abadobi babantu, uhlobo lwabaholi abahamba bexhuga. Lapha sibona uthando lukaNkulunkulu olungenakuqhathaniswa, oluyindlela eyodwa. Siyehluleka kuye, kodwa akehluleki ngathi. Siyamkhohlwa, kepha akasikhohlwa. Sishisekela olunye uthando, kodwa Yena uthembekile. 

Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

The Characters of Easter: Simon Peter

UPetru wayengumdobi waseGalile, kodwa wafunwa uJesu futhi waba idwala okwakhiwe phezu kwalo ibandla.  Wabona umzuzu obalulekile wesiphambano kanye nethuna elingenalutho. Joyina umbhali uDaniel Darling kulolu hlelo lwezinsuku ezuwu-10 ukuthola impilo kaSimoni Petru, umlingisi ongenakwenzeka ukuthi acatshangelwe ukudlala indima endabeni kaJesu.

More

Sithanda ukubonga kuMoody Publishers ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.moodypublishers.com/the-characters-of-easter/

Izinhlelo zohlobo olufanayo