Ukunqoba Impi Engqondweni YakhoIsampula
KuMathewu 4 sifunda ngoJesu, ngemva kokubhapathizwa kwakhe, elibangise ehlane, lapho azila khona izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane. Ngalesosikhathi uSathane uza kuJesu ukuze amlinge.
Ngoba wayazi ukuthi uJesu ulambile, uSathane wamtshela ukuthi aphendule amatshe abe yizinkwa. Njengoba nje enza ku-Adamu no-Eva, uSathane wayezama ukwenza uJesu enze into eyayingeyona ingxenye yesu likaNkulunkulu lokuphila Kwakhe. (Yilokho futhi uSathane akwenzayo ngawe.)
UJesu waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Umuntu akayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu’” ( NgokukaMathewu 4:4) ecaphuna uDuteronomi 8:3.
USathane wabona ukuthi icebo lakhe lokuqala libhuntshile, ngakho wahlasela uJesu ngenye indlela. (Yilokho kanye uSathane akwenzayo ngawe.) Indlela efanayo, imizamo emisha.
USathane wathatha uJesu wamyisa esiqongweni sethempeli eJerusalema futhi wamtshela ukuba aziphonse phansi. USathane wanquma ukuthi ababili bangadlala lo mdlalo, ngakho wacaphuna AmaHubo 91:
Kulotshiwe ukuthi: ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zizokuphakamisela ezandleni zazo, ukuze ungaqhuzuki ngonyawo lwakho etsheni.’ ” NgokukaMathewu 4:6
(Yebo, uSathane uyalazi neBhayibheli.) Wayefuna ukulinga uJesu ukuze abonise ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu ngempela ngokuzama ukuphoqelela uNkulunkulu ukuba abonise ubufakazi bothando nokukhathalela kwaKhe.
UJesu wahlala ephuzwini futhi wamane waphendula, “Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho” ( NgokuakMathewu 4:7), ecaphuna uDuteronomi 6:16.
Nalokho akusebenzanga, ngakho uSathane wazama enye indlela yokufaka indlela yakhe ekucabangeni kukaJesu. (Futhi, yilokho kanye uSathane akwenzayo ngawe.)
Wayisa uJesu entabeni ende, wamkhombisa imibuso yezwe, wathembisa ukumnika konke uma nje uJesu engase akhothame akhuleke kuye. Manje uJesu wayesenele wayesethi, “Suka kimi, Sathane!” Wabe esecaphuna uDuteronomi 6:13: “Ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa’” ( NgokukaMathewu 4:10).
Akufanele yini sithathe indlela uJesu ayenza ngayo?
Izikhathi ezintathu, ezimweni ezintathu ezihlukene nezilingo, uJesu wadalula amanga kaSathane futhi wakhuluma iqiniso leZwi likaNkulunkulu Ayelokhu elibamba ngekhanda kusukela esengumfana ongumJuda.
Ngakho, ithuluzi lokuqala engalifunda elavuselela ingqondo yami futhi laguqula impilo yami kwaba Isimiso Sokubuyisela: Susa amanga, ubeke iqiniso. Uma usulibambile leli thuluzi, lesi sikhali, ungaqala ukusisebenzisa njalo ukuze ushintshe umqondo wakho nempilo yakho.
Isibonelo sikaJesu esicacile, esichazelwe sona kuMathewu 4, yingakho kubalulekile ukuba sazi iBhayibheli. Njengabalandeli bakaKristu, sibeka kuqala ukufunda iBhayibheli, ukulalela okufundiswa iBhayibheli, ukungenela izifundo zeBhayibheli, futhi sifake iZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu ukuze siphakamise inkemba ngokumelene namanga esitha.
Mayelana naloluHlelo
Iningi lezimpi zempilo liyanqotshwa noma liyalahleka engqondweni. Manje-ke siqala kanjani ukunqoba ezinye zalezo zimpi? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezngu-7 oluvela encwadini keMfundisi u-Craig Groeschel weLife.Church, sizothola indlela yokulwa nemicabango enobuthi, ukunqoba ukucabanga okungalawuleki, futhi siqale ukunqoba impi emiqondweni yethu sisebenzisa iqiniso likaNkulunkulu njengohlelo lwethu lwempi.
More