LindaIsampula

Uma omunye umuntu enza iphutha, uphendula kanjani?
Ingabe uyabamemeza, ubacasukele, futhi uvumele ukucasuka nokukhungatheka kwakho kubonakale? Ingabe ukhuluma kabi ngabo ngemuva kwabo?
Noma usondela kubo ngobumnene nangokuqonda na?
Upawulu ukhumbuza abalandeli bakaJesu ukuthi kufanele sigcwale ukubekezela futhi sibekezelelane ngothando.
Umqondo wokubekezelelana usho ukuthi ukungqubuzana nokungezwani kukhona. Enye indlela ongabeka ngayo - bekezelelanani.
Kufanele sifunde ukuthanda nokubonisa ukubekezela kubantu abasihlanyisa.
Impela, lokho kulula ukukusho kunokukwenza.
Ngokuzayo uma othile efuna ukukuyisa ekuphelelweni isineke, yima kancane. Thandaza ucele uNkulunkulu ukuthi akunikeze ukubekezela ngaleso sikhathi futhi uphathe omunye umuntu ngothando nomusa.
Mayelana naloluHlelo

Siphila enkathini yejubane nokunethezeka. Kubukeka sengathi thina, njengabantu, siya ngokuya siphelelwa isineke. Ukuntula isineke kuvelaphi? Silwa kanjani nakho? Hlanganyela nathi ezinsukwini ezingu-10 ezilandelayo njengoba sicubungula lokho.
More