Yenza Isikhala Salokho Okubalulekile: Imikhuba Engokomoya Engu-5 yesizini ye-LentIsampula
![Make Space for What Matters: 5 Spiritual Habits for Lent](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F24043%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Kungani kuyisizini ye-Lent?
Ake ume kancane ubuke ngaphandle. Ubonani? Yini ekwenza umamatheke?
Noma ngabe yini osanda kuyichaza, cabanga ngalokhu: okubonayo kwakuhlala kukhona—bekuvele kulinde ukuthi ume kancane ukubone.
Leyo injongo eyisisekelo sesizini ye-Lent: ukudala isikhala phakathi kwezibopho zokuphila ukuze sijabulele lokho okuhlale kukhona—ubukhona bukaNkulunkulu.
I-Lent yinkathi yezinsuku ezingu-40 eholela kwiSonto Lovuko. Ngokusekelwe ezinsukwini ezingu-40 zikaJesu ehlane, Leszini iyithuluzi elingakusiza ukuba wazi kakhudlwana izwi likaNkulunkulu nothando Lwakhe lomhlatshelo. Nakuba iLent ingashiwongo eBhayibhelini, kwaxoxwa ngayo eMkhandlwini waseNicea ngo-325 AD ngoba yanikeza isigqi sokucabanga nokuphenduka kumaKristu njengoba engena entwasahlobo-inkathi evame ukuhlotshaniswa neziqalo ezintsha.
Inhloso ye-Lent akukhona “ukwenza ngcono” impilo yakho, kodwa ukugxilisa impilo yakho kulokho okubaluleke kakhulu: Lowo owakudala futhi wakufela. Futhi enye yezindlela owenza ngayo lokhu iwukujwayela imikhuba engokomoya.
Ngakho-ke njengoba ulungiselela iSonto Lovuko, ake sihlole imikhuba ethile yakomoya ongayenza ngalesi sikhathi sonyaka, futhi wenze ingxenye yempilo yakho yansuku zonke eminyakeni ezayo.
Ndawonye, masenze isikhala salokho okubalulekile.
Mayelana naloluHlelo
![Make Space for What Matters: 5 Spiritual Habits for Lent](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F24043%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Isizini ye-Lent: inkathi yezinsuku ezingu-40 zokuzindla nokuphenduka. Umcabango omuhle, kodwa empeleni kubukeka kanjani ukuzilolongela lesizini yeLent? Ezinsukwini eziyi-7 ezilandelayo, thola imikhuba yakomoya emihlanu ongaqala ukuyenza ngesikhathi Sokuzila ukuze ikusize ulungise inhliziyo yakho iSonto Lovuko—nangale kwalokho.
More