Ngulunkulu, Uthini ngami?Isampula
Ngenkathi ngisalindile
Ngesikhathi usalindile, khumbula ukuthi njengomntwana kaNkulunkulu oPhezukonke, zonke izikhathi ziyinkathi yakho. Lo mbono wokuthi inkathi yethu kuphela lapho izinto zisihambela kahle awulungile futhi unobuthi.
Ngesikhathi uDavide elusa izimvu, kwakuseyinkathi yakhe futhi lapho uJosefa evalelwe ejele ngenxa yecala angalenzanga, kwakuseyiyo “nkathi” yakhe.
Ngesikhathi sisalindile, esikubona ngokwenyama kuzobekela ukholo lwethu kuNkulunkulu inselelo ngoba ngeke kuhlale kunobufakazi obuphathekayo balokho esikukholelwayo ukuze akwenze. Ngalezo zikhathi khumbula ukuthi siphila ngokukholwa hhayi ngokubona. Senza izinqumo zethu ngesisekelo sokholo kuNkulunkulu, hhayi ngokulinganiselwa kwesimo sethu samanje. Njengoba silindile, sifunda ukuthi singahambisa kanjani intando yethu—uhlelo lwethu lwesikhathi lokuthi izinto kufanele zenzeke kanjani—kanye nezinjongo zethu kuNkulunkulu. Ezandleni Zakhe indawo ephephe kunazo zonke ongaba kuyo, ngoba Nguye kuphela onamandla okuphila namuhla, kusasa, nangonyaka ozayo.
Ukulinda kuveza ukuthi sikhonza ini nokuthi sikhonza bani. Kwembula ukwesaba okujulile ngisho nezinkolelo ezicashile ezikhathazayo. Lapho ama-Israyeli elindele ukufinyelela ezweni lesithembiso, aphishekela ukwaneliseka ngokushesha ngoba yilokho ayekwazisa. Babefuna ukubuyela ebugqilini kunokuba balinde futhi babekezelele uhambo ngoba ezinhliziyweni zabo babekhonza abanye onkulunkulu.
Ukulinda akulahlisani. Unkulunkulu wayengasigodli isithembiso Sakhe kuma-Israyeli—wayewalungiselela. Lapho uzithola unganelisekile ngesimo sakho, yini ophendukela kuyo? Impendulo yalo mbuzo yembula okuningi ngenhliziyo yakho.
Sisalindile, uNkulunkulu usilungiselela okuzayo. Usuku nosuku uNkulunkulu uyakhuluma kodwa uma sibheka ikusasa futhi singamnaki Lowo osiholayo ngeke simuzwe. Ngakho-ke isikhathi sizodlula, kodwa sizobe sikhungathekile futhi singabi nalwazi njengosuku lokuqala ngoba asitholanga siqondiso esivela kuLowo othi siyamkhonza.
Mayelana naloluHlelo
Uma sizizwa sengathi sisemuva ngempilo futhi izwi lokuqhathanisa liya liphakama njengoba izinsuku zihamba, siyehluleka ukubona uNkulunkulu ehamba phakathi kwethu. Kukulezi zikhathi lapho ukholo lwethu lusetshenziswa kakhulu. Funda lokhu kuzinikela futhi ukhuthazeke ekulindeni kwakho uNkulunkulu.
More