Kithi: Sibungaza Ukufika KukaJesuIsampula
![Unto Us: Celebrating the Arrival of Jesus](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22881%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Inkosi yokuthula
Ukuthula. Kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi noma ukuthi yini esiyikholelwayo, sonke sifisa ukuthula. Ngenxa yokuthi imiphefumulo yethu iyakulangazelela, sizama ukuyithola ngezindlela ezihlukahlukene—abantu, abaholi, izimali, imfudumalo, izinto. Akukhathalekile ukuthi sizama kanzima kangakanani, asisoze saba nokuthula kweqiniso nokuhlala njalo kuze kube yilapho sihlangabezana nomthombo wakhe.
Ku Isaya 9:6, uJesu ubizwa ngeNkosi yokuthula. Ulimi lwesiHeberu luchaza ngale ndlela:
Inkosi — sar
Inkosi, umbusi, umholi, isikhulu, ukapteni
Ukuthula — shalom
ukuphelela, ukuhluzeka, inhlalakahle, ukuthula, ukuphepha; noNkulunkulu ebudlelwaneni besivumelwano
Uma uhlanganisa la magama amabili esihlokweni, unomholi onikeza ukuhluzeka okuphelele, ukuthula, nokuphepha. Kumangalisa kangakanani lokho? Ngegama elilodwa, Wehluke ngaso leso sikhathi kunanoma yimuphi umbusi ongumuntu esake sambona emhlabeni. Lapho efika, wembethe ukuthula kukaNkulunkulu.
Ukuthula kukaJesu kumema ukuzola ezimpilweni zethu kungakhathaliseki ukuthi yini ezayo eduze kwethu. Usinika ukuthula phakathi nezilingo zokuphila futhi uyasikhuthaza ukuba singakhathazeki (Johane 14:27). Unikeza ukuthula kithi ngenkathi sisohambweni lwethu siqu noKristu aze abuye (1 Thesalonika 5:23). lapho ukwesaba kusisongela, ukuthula Kwakhe kuyasithulisa, kusiqaphe, futhi kungaphezu kwalokho izingqondo zethu ezinomkhawulo ezingakuqondisisa (KwabaseFilipi 4:7).
uJesu, iNkosi yethu yokuthula, ukuphela kwendlela esingaba ngayo nokuthula noNkulunkulu. Uma sithi yebo kuJesu futhi sikholelwa ukuthi wafa wabuye wavuka, simenywa ebuhlotsheni obulungile Naye. ulangazelela ukubuyisela ubuhlobo, futhi ngokwenza kanjalo, sifunda indlela yokuba abenzi bokuthula ezweni elikudinga kakhulu.
Noma ngabe ukuphi ohambweni lwakho noKristu, beka eceleni isikhathi namuhla uzindle ngoJesu njengeNkosi yakho yokuthula.
Mayelana naloluHlelo
![Unto Us: Celebrating the Arrival of Jesus](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22881%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Ku Isaya 9: 6, siyabona ukuthi uJesu unguMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade,, neNkosi yokuthula. Kule pulani yezinsuku ezinhlanu, sizogubha ukufika kukaJesu ngokufunda ngamagama akhe ahlukene, nokuthi anomthelela muni ezimpilweni zethu namuhla.
More