Umthelela WenjabuloIsampula

A Jolt of Joy

USUKU 30 KWEZINGU- 31

Kubantu abalwa ngempela nokucindezeleka kwansuku zonke futhi baphila ingxenye enkulu yokuphila kwabo ekujuleni kokuphelelwa ithemba, kubalulekile ukuqonda ubuhlobo phakathi kwenjabulo nokubonga. Uma ungumuntu obongayo, injabulo ayinakuba kude kangako. Uma ungumuntu ojabulayo, ngingaqinisekisa ukuthi ubala izibusiso zakho ngokuzwakalayo nansuku zonke.

Ukubonga igama eliyimfihlo elivula umnyango wobukhona Bakhe kubantu Bakhe. Futhi, lapho ningena ebukhoneni Bakhe, niyazi ukuthi niyothola lapho: INJABULO!

Ngakho-ke namuhla uma uhlushwa ukudabuka noma ukudumala empilweni, yenza uhlu lwezinto obonga ngazo. Ungami ku-5 noma ku-10 ... jabula ngokubonga kwakho futhi wenze uhlu luka-20 ... noma luka-50 ... noma izinto ezingu-100 obonga ngazo.

Ngikholelwa ukuthi kumKristu, ukubonga akufanele kugcinelwe usuku olulodwa kuphela onyakeni noma inkathi eyodwa kuphela. Ukubonga kufanele kube indlela yokuphila yansuku zonke yangempela. Inhliziyo ebongayo iyindawo evundile yokuba imbewu yenjabulo ikhule futhi iqhakaze ngobuningi.
Usuku 29Usuku 31

Mayelana naloluHlelo

A Jolt of Joy

Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.

More

Sithanda ukubonga U-Carol McLeod ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com