Ukubuyiselwa: Uhlelo LweBhayibheli lwe-DeluxeIsampula
Usuku 2: Ngikhulule
“Amaketango ezinyaweni zami
Uphule umthetho futhi manje ngikhululekile yebo
Ngisho kumnyama
Sekuyisikhathi sokuthi ugcine ukukhanya kwakho kimi”
Ngo-2020, maningi amaketango asibamba. Kuthi “Ngikhulule”, ngacabanga ngamaketango engqondo, angokomzwelo nangokomoya engangiwagqoka ngokungazi. Lamaketango angisinda ngaze ngakhathala. Izikhathi eziningi ngangizizwa ngihlukumezekile, ngingaphumuli, futhi ngilingeka ekubeni ngiphelelwe ithemba. Ingabe wake wazizwa ngale ndlela?
Amaketango awamusha. uNkulunkulu ubelokhu egqabula amaketanga izinkulungwane zeminyaka, kokubili okwangempela kanye namaketanga esono. Upawulu noSila babhekana nokugqashulwa kwezibopho zabo ejele. Futhi uNkulunkulu uhlephula izinto ezisibopha nsuku zonke.
NgoJesu, singayithola inkululeko yangempela. Akusadingeki ukuba sibe yizigqila zezifiso zethu.
Umthandazo: Nkosi ngikhulule emaketangeni ami futhi ungisize ngithole ngokugcwele inkululeko oyinikezayo.
Mayelana naloluHlelo
Thatha isinyathelo ngaphakathi kokuzindla komuntu siqu mayelana Nokubuyiselwa ukuze uthole ulwazi mayelana nokwakha ukusondelana okujulile noNkulunkulu phakathi kobuhlungu nokwephuka. Manje kufake phakathi okusha okuqukethwe!
More