Landela Inhliziyo KaNkulunkuluIsampula

Go After God's Heart

USUKU 7 KWEZINGU- 12

Kuzo Zonke Izikhathi

Ungathini uma uthola ukuthi kunendaba esebhayibhelini ngendoda eyagcotshwa nguNkulunkulu ukuthi ibe yinkosi eyadedela amande entshebeni izenza ohlanyayo ukuze isindise impilo yayo? Nakhu. Enye indaba kaDavide. Enye indaba eyenzeka ngaphambi kokuthi uDavide abe yinkosi. Phakathi naleso sikhathi, uDavide waloba enye yezindumiso eziphakeme kakhulu zikaNkulunkulu ezalotshwa umuntu, iHubo 34, njengoba inguqulo ye-NIV ikubeka iqala, Ngiyomdumisa uJehova ngezikhathi zonke. Ngokusobala uDavide wayeqonde ngempela zonke izikhathi.

Inguqulo i-MSG yeHubo 34:10 ifingqa imicabango kaDavide ngale ndaba. Amabhubesi amancane ahlezi ecashile ayalamba, kepha abafuna uNkulunkulu bagcwele uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, landela itshisekelo futhi uyohlezi ulangazelela; landela uNkulunkulu, futhi uyohlala ugcwalisiwe Ngaye.

UDavide ubengakhulumi ngohlobo lokugcwalisa olukwenza waneliseke. Wayekhuluma ngohlobo lokugcwala okukwenza ube nesibindi. Njengomholi weqembu elincane, ungase ukwazi ukubona isikhathi sikaDavide sokusangana. Ingabe nawe uyakubona ukuzibophezela kwakhe ekukhonzeni uNkulunkulu kuzo zonke izikhathi? Ukugxila ezimpilweni zabantu zangempela nezingcolile kuwuhambo olude. Kodwa, uma singafunda noma yini kuDavide kumaHubo 34, ukuthi uNkulunkulu ungaphezu kokwanele kulabo abamfunayo. Futhi nguwe lowo, uyakhumbula? Ulandela inhliziyo Yakhe.

Icebo Lomholi: Abaholi bakhonza uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi ngoba uNkulunkulu wanele.

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Go After God's Heart

Ukuhola iqembu elincane kumayelana nokuhola abantu ukuba balandele uJesu, akunjalo? Kodwa lokho kubukeka kanjani empilweni yangempela? Sikholelwa ukuthi kuqala ngokumlandela eduze—wena uqobo. Ithimba le-LifeGroups elivela e-Life.Church lembula izimiso zobuholi empilweni kaDavide, lowo uNkulunkulu uqobo ambiza ngokuthi “umuntu olandela inhliziyo Yami.” Qala lolu hlelo lweBhayibheli namuhla, futhi uthathe isinyathelo esikhulu esilandela inhliziyo kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.life.church