Izinyathelo Zakho ZokuqalaIsampula

Your First Steps

USUKU 3 KWEZINGU- 5

FUNDA

Noma yikuphi, kuzwakala sengathi kunemibono eminingi kunabantu. Futhi yonke leyo mibono ilokhu ishintsha futhi iguquka. Ngokweqiniso, kungase kube nzima ngempela ukuqhubeka.

Imibono eguqukayo ngesiko iphakamisa umbuzo othi, “Liyini iqiniso?”

Uma uzolandela uJesu, uzodinga ukugxilisa impilo yakho eqinisweni. Lesi ngesinye sezici ezibalulekile ezenza amaKristu ahluke kunabantu abangamlandeli uJesu: sihambisa izimpilo zethu ukuze siphile ngeqiniso lombhalo. Asiyibona abantu abathonywa imibono; kunalokho silwela ukwenza ukuphila kwethu kuhambisane nalokho okufundiswa iBhayibheli.

Futhi iyodwa kuphela indlela yokwenza lokho:

Funda.

Lalela.

Funda.

Uma sizolandela uJesu, kufanele sijwayelane nemfundiso yombhalo ongcwele, bese siletha izimpilo zethu ekuvumelaneni nalokho elisifundisa kkona. Kufanele siphile ngokusabela eqinisweni, hhayi ngokusabela esikweni.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Your First Steps

Wenze isinqumo sokulandela uJesu, manje kuzokwenzakalani? Lolu hlelo akulona uhlu oluphelele lwakho konke okuza naleso sinqumo, kodwa luzokusiza ukuthi uthathe izinyathelo zakho zokuqala.

More

Sithanda ukubonga i-SoCal Ministries- AG ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://youth.socalnetwork.org