Ukulambela uNkulunkuluIsampula

Hungry for God

USUKU 1 KWEZINGU- 3

Isidingo Sethu Sokudla kukaMoya 

Umphefumulo wethu udinga ukudla ukumoya ukuze ulwe njengemizimba yethu idinga ukudla ukuze uphile. Kodwa kunomthombo owodwa vo okwazi ukondla, unelise, unika amandla futhi usigcine: Ubudlelwane noNkulunkulu ophilayo. 

Isici esibalulekile sendlala yemvelo indlela esiphindeka ngayo njalo. Imizimba yethu idinga ukondleka nomfutho njalo, oqhubekayo. Njengoba ubulambile izolo futhi wadla ukudla okumnandi okwanelisa ukulangezelela kwakho akusho ukuthi ngeke usalamba futhi. Umzimba wakho ugaya ukudla okudlile, ukuguqule kube umfutho womzimba wakho, ususe ongakudingi bese uqala lowomjikelezo futhi. 

Lomjikelezo wendlala nokusutha ophindaphindayo ubonakala ungowamabomu. Uma uNkulunkulu ehlinzeka abantu Bakhe ngemana ngenkathi besohambweni lwabo oluya eZweni leSethembiso, wabanika imana eyanele usuku ngalunye. Uma uJesu efundisa abalandeli Bakhe ukukhuleka, Wasiyalela ukuthi sicele uBaba wethu sithi “usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla” (Math. 6:11, ZUL).UKrestu uqobo wahlinzeka ngesidlo esinjalo ngenkathi ebusisa izinkwa nezinhlanzi ezivela ekudleni kwasemini komfana futhi wazandisa ukuze zondle abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezinhlanu abeza ukuzolalela imfundiso Yakhe (Math. 14: 13-21). 

Iningi lethu alisazingeli futhi alisabuthi ukudwa kwethu ngosuku. Umsebenzi wethu usinika ngaphezu kwesinkwa sethu semihla ngemihla. Emazweni athuthukile kulomhlaba wethu wesimanje, abaningi bethu bamakhabethe asekishini agwele, amakhabethe aphatha ukudla, amafriji neziqandisi ezigcwele ukudla okugcinelwe ukuthi kunwebe ubusha bako. Ezinye izinto ezinjengamabhontsisi, amakinati, okusanhlamvu kanye nerayisi kanye nokudla okusemathinini kubhekwa njengokudla “okungonakali” ngoba kungagcinwa izinyanga kanye neminyaka. 

Ngesikhathi sobhubhane lweCOVID-19, abantu abaningi bathenga ukudla ngoba besaba ukuthi izitolo nabakhiqizi bokudla ngeke babenokudla okwanele. Ukudla okungaboli bekuphambili kakhulu ngoba akekho obekazi ukuthi ukuphakelwa kokudla kungahle kuphazamiseke. Ukungakwazi ukugijimela esitolo uma kunesithako esidingekayo noma ukudla endaweni oyithandayo youkudlela, kusenze sakwazi ukusebenzisa lokhu esinako esandleni. Nalapha futhi, abaningi bethu babona okunye ukunethezeka esasesijwayele ukungakunaki. 

Uma sibheka ukulamba kwethu ngokomoya, siyabona ukuthi imiphefumulo yethu idinga ukondliwa njalonjalo. Akunandaba ukuthi sithandaza kangaki, zingaki izindima zeBhayibheli esizifundayo futhi esizibamba ngekhanda, sivame kangakanani ukuya emicimbini yesonto noma ukukhonza labo abaswele, kuhlale kunendawo yokusondela eduze noNkulunkulu. Singachitha usuku lonke, nsuku zonke sidumisa futhi sikhonza iNkosi, futhi loko bekungeke kwanele ukugcwalisa isidingo sethu sobukhona bukaNkulunkulu ezimpilweni zethu. 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Hungry for God

Isifundo sezinsuku ezintathu (3) esibhalwe uMfundisi Samuel Rodriguez esibheke ukulamba komoya wethu futhi esiveza ukuthi umphefumulo wethu udinga ukondleka njalo. Noma ngabe sithandaza izinkathi eziningi, maningi kanjani amavesi eBhayibheli esiwafundayo futhi siwasho nangekhanda, siya kangaki ezinhlelweni zenkonzo, noma sinakekela kangakanani abanezidingo iyohlale ikhona indawo yokusondela eduze noNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga iCharisma House ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://samuelrodriguezbooks.com/