ZilweleIsampula
UNkulunkulu ufuna sibe nezindumiso emlonyeni wethu nenkemba yakhe ezandleni zethu. Impi yomoya ayisebenzi uma umlomo wethu ugcwele ukukhononda nokuvuma ukunqotshwa. Umlomo wethu ukhuluma noma wembula okusezinhliziyweni zethu.
SIdalelwe ukukhonza, futhi manje sesibizelwe ukulwa. Impi nokudumisa kuyahambisana. Izindumiso zikaNkulunkulu eziphakeme kumele ngabe ziphuma emilonyeni yethu futhi izandla zethu kufanele zibambelele ngokuphephile enkembeni esika nhlangothi zombili okungeyona enye ngaphandle kweZwi likaNkulunkulu wethu. Lenkemba kaMoya iwukubopha nokukhipha isijeziso esitheni. Sijwayele ukukhululwa kuphela ebugqilini. Kunalokho, uNkulunkulu manje ulungiselela isizukulwane esinamandla ukuba sibophe isitha, sibophe amaketanga emandleni obumnyama ngegunya legama likaJesu.
Njengoba uJesu asho, “Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga aphange impahla yaso, ngaphandle kokuthi aqale asibophe isiqhwaga? Khona-ke uyakuphanga indlu yakhe” (NgokukaMathewu 12:29); izindima zihlehlisiwe. Isitha sasivame ukusibopha; manje singsibopha ngokunqoba kukaJesu uMninimandla onke ongenakunqotshwa.
Lokhu kungaphezu nje kokukhululwa esitheni; lokhu kunikwa amandla okulwa nesitha ngempumelelo. Ngiyayithanda le ngxenye: “Lolu dumo lunabo bonke abangcwele bakhe.” Ukunqoba, ukubusa, nomoya wokulwa kuwudumo. Loludumo lothatha ukubusa, ukunyathela phezu kwamandla obumnyama, ukubopha isitha kunikezwe bonke abangcwele bakhe. Lolu dumo lungolwabo bonke abantwana bakaNkulunkulu. Ukunqoba akukhona nje okwabambalwa kodwa okwabo bonke. Igunya phezu kwesitha lingelabo bonke abakholwayo.
Anibizelwanga nje ukwamukela ukukhululwa kodwa ukuba nihambe ngokubusa. Ungalindi nje ukuthi uNkulunkulu axoshe zonke izitha, kodwa hamba ngamandla kaMoya oNgcwele ukuze umelane ngokuqhubekayo nanoma yini angakayisusi.
Mayelana naloluHlelo
Ziningi izimpi okusamele sizilwe kodwa asilwi ukuze sizuze ukunqoba; silwa kusukela ekunqobeni osekuzuzwe esiphambanweni. Kunezitha ezithile uNkulunkulu akukhipha kuzo, kodwa zikhona ezinye izitha akunika amandla okuzibusa. Ukukhululwa yilokho uNkulunkulu akwenzayo kuwe; ukubusa yilokho Akwenza ngawe.
More