Lindela uNkulunkuluIsampula

Expect God

USUKU 4 KWEZINGU- 7

 

Ngibe nephupho futhi kulo uJesu ehlabelela ethi, Woza uzodansa nami. Ngaphendula futhi ngamane ngathi, “Ngizodansa nawe Nkosi, kodwa angazi yazi ngempela ukuthi usho ukuthini." Lapho ngiphaphama, kwakusankeneneza umculo namazwi ezindlebeni zami.  

Ngazindla ngephupho futhi ngabheka imibhalo ephathelene nokudansa. Imibhalo eminingi ikhuluma ngokunqoba noma imidanso yempi, kodwa iculo Angiculela lona lalihlukile. Kwakungincenga ngendlela enegunya, kodwa enothando.  

UNkulunkulu, Abba Baba, ungilethele isithombe engqondweni yami sendlela intombazanyana ezoma ngayo ezinyaweni zikayise njengoba eyiholela emdansweni. Ngikholwa ukuthi yilokho uNkulunkulu ayezama ukungitshela khona. Akumele ngazi izinyathelo uma ngimi ngezinyawo Zakhe. Kufanele nje ngizimisele ukudansa Naye, ngimethembe, ngimvumele ahole.  

Ngakho-ke nganyathela izinyawo ezinezibazi zezipikili futhi ngavumela ukudansa kuqale. Ngesinyathelo ngasinye ngathola inkululeko eyengeziwe, uthando olukhulu, nokwethenjwa okujulile. Umdanso wempilo yami wawupheleliswa ngokuma ezinyaweni zeNkosi yami, ngokufunda isigqi, kanye nokuzwa izingoma Wayezicula phezu kwempilo yami.  

Akunandaba ukuthi sikuphi empilweni, izinyathelo okungenzeka ukuthi sesizikhohliwe, noma mhlawumbe esingakaze sizazi. Umdanso ungaqala namuhla. Ungalizwa iculo laseZulwini ngempilo yakho. UNkulunkulu ulindele ukudansa nawe. Isinyathelo ngesinyathelo, Uzokufundisa ukwethemba, Uzokufundisa ukumvumela ukuba ahole, futhi Uyokufundisa ukuzwa ukushaya kwenhliziyo yaseZulwini futhi udanse.  

“Woza uzodansa nami

Yima ngezinyawo zami, Ngivumele ngihole

Isinyathelo ngesinyathelo, Isigqi ngesigqi

Endleleni yakho, dansa Nami.”

UNkulunkulu ubengibiza ukuthi ngidlulele ngale kokukholwa futhi ngimethembe ngokugcwele. Amagama ahunyushwe ngokuthi “ukuthembela” eBhayibhelini ngokwezwi nezwi asho “isibindi, ukuqiniseka, ukulondeka okuqinisekile noma isenzo esisekelwe kulokho kulondeka.” Ukwethemba akufani nokuba nokholo noma inkolelo. Kunalokho, ukwethemba yilokho esikwenzayo ngenxa yokholo lwethu. Ukuthembela kuwukukholelwa ezithembisweni zikaNkulunkulu kuzo zonke izimo, ikakhulukazi kulezo lapho ubufakazi bubonakala buphambene.  

Thembela kulowo okubhalele indaba emnandi ngempilo yakho futhi onezinhlelo zokukuphumelelisa akunike ithemba nekusasa.  

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Expect God

Impilo igcwele uhambo olungalindelekile, oluhle noma olubi. Nakuba ngokuvamile kulula ukubona uNkulunkulu ngezikhathi ezinhle, kungaba yinselelo ukubambelela ethembeni phakathi kwezinhlekelele nezinto ezingenakwenzeka. Yiba namandla okukholelwa kuLowo owenza okungenakwenzeka. Lapho ulindele ukuhlangana kukaNkulunkulu ehoreni lakho elimnyama kakhulu, Uyohlenga lokho okubonakala kungenathemba ngezimpendulo ezingaphezu kwemvelo!

More

Sithanda ukubonga i-Rachel Shafer Ministries ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.rachelshafer.com