Ukubhekana NokungaqinisekiIsampula
Yazi Imikhawulo Yakho
Abantwana bakwa-Israyeli bawanqoba ama-Amaleki lapho uMose ephakamisa izingalo zakhe ... Ngemva kwesikhathi, izingalo zakhe zakhathala kangangokuthi u-Aroni noHure bamtholela idwala ukuhlala phezu kwalo. Khona-ke bama eduze kwakhe basekela izingalo zakhe ... Ujoshuwa wawanqoba kanjalo ama-Amaleki. - Eksodusi 17:11-13
Ukuma egqumeni ubeke udondolo ekhanda lakho akuyona indlela yamasu yokunqoba impi. Nokho, empeleni lelo kwakuyisu likaMose lapho eyala uJoshuwa ukuba ayokulwa nombuso onamandla.
Kodwa izenzo zakhe phakathi nale mpi azisizanga nje kuphela ama-Israyeli ukuthi anqobe isitha sawo, ziphinde zifanekise izindlela ezingu-2 ezinempilo zokuvuma imikhawuli yakho ezimweni ezingaqinisekile.
Bambelela kulowo owazi ikusasa lakho.
Kwathi lapho uMose ephethe induku yakhe phezu kwekhanda lakhe, ama-Israyeli ayenqoba, kodwa lapho nje eyeyehlisa, babehlushwa. Ngokuphakamisa induku yakhe, uMose wavuma ukuthi uNkulunkulu wayenabo ngaso sonke isikhathi—futhi nguye yedwa owayephethe.
NjengoMose, uma uzithola usempini oyaziyo ukuthi awukuhlomele ukulwa, bheka isimo esiphambi kwakho ubhekisise ukuthi kwenzekani eduze kwakho, kodwa lokho mawungakuyeki ukubambelela egunyeni likaNkulunkulu futhi uphishekele lokho Akwethembise kona.
Vumela abantu abathembekile ukuthi beze eduze nawe.
Njengoba impi iqhubeka, izingalo zikaMose zaba buthakathaka futhi wayengenakukwazi ukusekela ibutho lama-Israyeli ngaphandle kosizo. Kungaleso sikhathi lapho abangani bakhe abathembayo bangenelela. Ngokumphakamisa, basiza u-Israyeli ukuba azuze ukunqoba.
Umose akadalelwanga ukuba abekezelele izikhathi ezinzima eyedwa—nawe ngokunjalo. Kuthiwani uma imikhawulo yakho yamanje kuyisimemo sokuthi abantu bahlanganyele nawe endabeni ekhazimulisa uNkulunkulu afuna ukuyisho ngawe?
Ukunqoba okuzuzwa ngezikhathi zonyaka ezingaqinisekile akuvamile ukuba ngenxa yamandla ethu—kuwumphumela wokunamathela kuNkulunkulu nokuthembela kwabanye ukuthi basisekele. Ukwethembeka kukaNkulunkulu okusibona phakathi kwezivunguvungu zokuphila, futhi uma sikuvuma lokho, sidala indawo ukuze uNkulunkulu abonakale futhi abukise ngobuthakathaka bethu.
Imibuzo Ongazindla ngayo:
Iziphi izimo obhekene nazo ozizwa zizinkulu kakhulu ukuthi ungazisingatha?
Ibaphi abantu abathembekile ongabacela ukuthi beze eduze nawe?
Uzobambelela ngayiphi indlela egunyeni likaNkulunkulu namuhla?
Mayelana naloluHlelo
Ingabe impilo izwakala ingalawuleki? Ezweni eliguquguqukayo eligcwele ukungaqiniseki kwezombusazwe, ezomnotho, nezenhlalo, ukulwisana kanjani nokukhathazeka nokwesaba? Uphila kanjani ngesibindi futhi ubambelele ethembeni? Kulolu Hlelo lwezinsuku ezingu-5, thola izindlela zeBhayibheli ezingu-3 zokuthola isibindi lapho ubhekene nokungaqiniseki, futhi ufunde ukuthi ungazihlanganisa kanjani nesimiso sakho sansuku zonke.
More