Ukunqoba NoLetitia WrightIsampula

Overcoming With Letitia Wright

USUKU 3 KWEZINGU- 3

Empilweni, sibhekene nezilingo eziningi nezikhathi ezinzima. Futhi ngezinye izikhathi sifuna ngempela ukuthola indlela esheshayo yokuphuma—sifuna ngempela ukwenza ngendlela yethu. Ngithole ukuthi lomBhalo ungibuyisela ngempela enkabeni yokuthembela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yami.

Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.IzAga 3:5

Ngesikhathi ngincika futhi ngimethemba, Walungisa konke. Ngifuna ukukukhuthaza namuhla kunoma yini okungenzeka ukuthi ubhekene nayo noma uzama ukuyinqoba. Thembela eNkosini ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.

Lapho uthembela Kuye, konke kuzovele kuhlangane.

Ubusiswe!

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Overcoming With Letitia Wright

Joyina umlingisi u-Letitia Wright ohlelweni lwakhe lwevidiyo olusha lwezinsuku ezingu-3, Ukunqoba, futhi umvumele akukhuthaze ngemiBhalo efanayo emsize ukuba athole ukunqoba nokuqiniseka kubuntu bakhe kuKristu.

More

Sithanda ukubonga uLetitia Wright ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.instagram.com/letitiawright