Ithemba: Isifundo EmBhalweniIsampula
![Hope: A Study in Scripture](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F19472%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
ITHEMBA ELINGASIFAKI EHLAZWENI
Ngu-Linda Cucci
“ Ngakho-ke, njengoba sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esithole ngayo ukungena ngokholo kulo musa esimi kuwo manje. Futhi siyazincoma ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu. Akusikho lokho kuphela, kodwa siyazibonga futhi ezinhluphekweni, ngokuba siyazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela; ukubekezela, isimilo; kanye nesimilo, ithemba. Futhi ithemba alisijabhisi, ngoba uthando lukaNkulunkulu’lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.”— KwabaseRoma 5:1-5 (NIV)
Ukulungisiswa. Ukuthula. Ukufinyelela okungenamkhawulo. ITHEMBA! Yilokhu esinakho okuvela kuNkulunkulu ngoJesu. Ngemva kokuchitha cishe izahluko ezine zokuqala zencwadi yabaseRoma isibonisa indlela esingafaneleki ngayo ukuma phambi kukaNkulunkulu ongcwele nophelele, sichaza ukuhlukaniswa okubangelwa isono sethu, sichaza ukuma kwethu noNkulunkulu ngaphambi kokuba uJesu afike, Umphostoli uPawulu ushintsha lokho esikuthola ngomusa ngokukholwa kuJesu. Umbuzo uthi . . . KUNGANI?
Kungani uNkulunkulu enikeza izoni ezingenathemba, ezingenakuzisiza, lezo ezazihlukanisiwe noNkulunkulu (KwabaseKolose 1:21), ezaziyizitha zikaNkulunkulu (KwabaseRoma 5:10) umusa nokulungisiswa okunjalo? Inye kuphela incazelo ngezenzo zikaNkulunkulu uSomandla kithi: UTHANDO! Lokhu kwenziwa kwacaca amavesi ambalwa ngemva kwendinyana yanamuhla kwabaseRoma 5:8 (NIV): “Kodwa uNkulunkulu ubonakalisa uthando lwakhe siqu kithi ngalokhu ukuthi: Siseyizoni, uKristu wasifela.” INkosi, ngomusa wayo wothando, ngobubele bayo, ngesihe sayo, sabuyisana nayo ngeNdodana yayo, “esinokuhlengwa ngayo, ukuthethelelwa kwezono.” (Kwabaseolose 1:14 NIV).
UJesu ulivalile igebe laphakade. Ngomusa Wakhe, manje sesinokungena endaweni engcwele engcwele. Ngobuso obembuliwe, singasondela esihlalweni Sakhe sobukhosi, singabe sisaba namahloni kodwa siqiniseka ukuthi akasoze asilahla. Umoya kaNkulunkulu ongaphakathi kithi uwubufakazi bothando lwaKhe oluhlala njalo!
Kungenxa yalokhu futhi lokhu kuphela. . . ngenxa yoTHANDO lwakhe ukuthi silungisisiwengokholo futhi sibe nokuthula noNkulunkulu. Asisaphili ngaphansi koMbuso wesijeziso sesono esisithandelayo. Asisachotshozwa ngaphansi kwesisindo sokungabi nathemba nokungabi nakuzisiza, ngoba lapho isono sande khona, umusa uvele wasisibekela futhi wasisindisa, usinikeza elingapheli, elingenakuvinjelwa ithemba. Futhi leli themba alidumazi; lisebenza njengehange lemiphefumulo yethu, lisikhumbuza ngalokho uKristu asenzela khona futhi lisikhomba kulokho okusilindele kuKristu. Futhi ngenxa yaleli themba, ‘singaziqhayisa ngezinhlupheko zethu."
Uyabona, ukuhlupheka kwethu kubalulekile kulowo osingcwelisayo. Isifiso sakhe siwukusebenzisa ukumisa ukholo lwethu, ukusakha, ukusenza sibe namandla, futhi kusidonsele ebudlelwaneni obuseduze Naye. Nguye yedwa ongasinika amandla esiwadingayo ukuze siqhubekele phambili. Ukukhetha esikwenzayo ukuhambisa intando yethu Kweyakhe kuzothuthukisa isimilo esidingekayo ukuze simmele emhlabeni olahlekile.
Ngakho-ke masigxile ethembeni, sigxilise amehlo ethu kumqambi nomphelelisi wokukholwa kwethu. Uthando lwakhe luhlala luvikela, luhlale luthemba, lulondoloza njalo. Uthando aluhluleki.
Yima kancane futhi ucabange: Uthando lukaNkulunkulu luliqinisa kanjani ithemba lethu?
Ziqeqeshe: Yenza uhlu lwezindlela ongabelana ngazo nabanye ngaleli themba.
Khuleka: Sibonge uJehova ngothando lwakhe nomusa, umthombo wethemba lethu.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
![Hope: A Study in Scripture](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F19472%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
1 KwabaseKorinte 13:13 ithi, “Manje-ke kumi lokhu kokuthathu: ukholo, ithemba nothando. Kodwa okukhulu kulokhu luthando.” Ukholo, ithemba, nothando, yizici ezintathu ezichaza abalandeli bakaKristu. Kuwo wonke umbhalo, lezi zihlukaniso ezintathu zitholakala ndawonye. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-12 lwabesifazane luzohlola ingqikithi namandla aguqula impilo yethemba kuKristu Jesu.
More