Limayelana nani iPhasika?Isampula
Umusa Usindise Umhlaba!
Izolo liphele ngenothi elidabukisayo. Ujesu, umelaphi omnene, wabulawa ngesihluku. Ophelele wayefile.
Abalandeli bakaJesu basala bodwa, besaba. Wayezobuya njengoba Eshilo? Mhlawumbe konke bekungamanga. Mhlawumbe bekungeke kwenzeke. Mhlawumbe babekhohlisiwe.
Uyawakhumbula amavidiyo amabili owabonile kulolu hlelo lweBhayibheli oluvela ku-Jason? Nezibungu ezincane? Buka ividiyo yokugcina ka-Jason ukuze ubone ukuthi iSonto lePhasika lisho ukuthini kuye—nokuthi lisho ukuthini kuwe!
iSonto lePhasika lifikile! Ujesu akasekho kwabafileyo! Uyaphila phakade! Wakhokha inani lesono kwaba kanye. Okufanele sikwenze nje ukukholelwa ezinhliziyweni zethu ukuthi uNkulunkulu wamvusa uJesu kwabafileyo, futhi samukele isipho sakhe samahhala somusa ngenxa yezono zethu. Unkulunkulu wayeselenzile icebo Lakhe kwasekuqaleni: Wenza indlela yokuthi sibuyele Kuye!
Kuyamangaza konke. Abalandeli bakaJesu basuka ekuqoqweni ndawonye ngenxa yokwesaba nezinhliziyo ezidabukile bamangala futhi bajabula kakhulu lapho bebona ukuthi konke ababekukholelwa ngoJesu kwakuyiqiniso. Banikela ukuphila kwabo konke ukuze basakaze izindaba ezinhle zokuthi uJesu wakunqoba ukufa kwaba kanye ngenxa yethu sonke!
Bazifaka engcupheni yokuphonswa ejele ukuze baqhubeke nokusabalalisa lezi zindaba. Eqinisweni, abaningi babo babulawa ngoba nje babengayeki ukutshela wonke umuntu yonke indawo ngoJesu. Abaholi bangaleso sikhathi bazama ukuyithulisa le ndaba ngenxa yomona nokwesaba ukuthi abantu bazovukela umbuso noma balandele uJesu esikhundleni sabo. Noma kunjalo, indaba yothando lukaNkulunkulu nokuhlangana kabusha okumangalisayo nesintu yasabalala. Kwasabalala kakhulufuthi. Bekungeke kunyamalale! Ithole indlela yakho, ngokufunda lolu hlelo lweBhayibheli! Indaba yothando lukaNkulunkulu emhlabeni ngeke imiswe!
Abalandeli bakaJesu babegcwele ukwesaba nokudabuka ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngemva kokufa kukaJesu. Kodwa iSonto lePhasika lashintsha yonke into! Kwashintsha yonke into kubo bonke abantu kuze kube phakade! Uvukile!
Zibuze: Abalandeli bakaJesu kwakungabantu abajwayelekile nje: abadobi, abalimi, njalonjalo. Ucabanga ukuthi yini eyabenza baba nesibindi ukuze bakwazi ukushumayela izindaba ezinhle zomusa kaJesu kuwo wonke umuntu?
Thandaza: Nkulunkulu, ngiyabonga ngesipho sakho sokuphila okuphakade ngomusa kaJesu! Izindaba ezinhle kakhulu. Ngisize ngikhumbule ukuthi Wena ukude nje ngomkhuleko. Akumele ngiphelele ukuze ngibe seduze Nawe. Umusa kaJesu uyangisibekela. Ngiyabonga! Ngegama likaJesu, ameni.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ngesinye isikhathi, indoda yabikezela ukufa Kwayo uqobo. Wabikezela nokuthi wayezofa izinsuku ezintathu kuphela. Futhi Wayeqinisile! Ukufa kukaJesu nokubuyela ekuphileni amaqiniso amangalisayo endaba ye-Easter. AmaKristu asalugubha lolu suku. Kodwa kusho ukuthini konke kuwe? Lolu Hlelo LweBhayibheli luzokusiza uqonde izimfihlakalo nobuhle bePhasika!
More