Ukuqiniseka Ngezikhathi ZokungaqinisekiIsampula
Kunomlilo ongaphakathi kwethu sonke olindele ukuvutha. Umlilo okhulayo futhi ongabhebhetheka kulabo abaseduze kwakho uma uqhubeka wokhela amalangabi awo. Lo mlilo unamandla kunokungaqiniseki okungenzeka ukuthi uyakuzwa. Unamandla okunqoba ukugxeka okungenzeka kukuzungezile njengamanje.
Lowo mlilo, lolo thando, lawo mandla angaphakathi afakwe kuwe nguNkulunkulu uqobo. Isifiso sokwenza lokho owenzelwe ukukwenza, noma ngabe kuyini. Amandla angaphakathi okubekezela nokuphuma phambili ngaphandle kokukuphikisayo.
Ngingase ngingaqiniseki ngokuthi kusasa kuzoletha ini, kodwa nginesiqiniseko sokuthi kumele ngenze izinto zenzeke namuhla.
Ngingase ngingaqiniseki ngokuthi ngizoyifinyelela kanjani lapho ngiphokophelele khona, kodwa ngiqinisekile ukuthi iyini imigomo yami.
Anginasiqiniseko sokuthi ngizophumelela KANJANI, kodwa NGIYAQINISEKA ukuthi ngizophumelela.
Ngiqinisekile ngakho.
Ingqondo yami isilungisiwe.
UNkulunkulu wami unginikeze amathuluzi adingekayo ukuze ngibone amaphupho ami efezeka. Ungibhekile kusukela ekudalweni kwami futhi intando Yakhe inamandla ngaso sonke isikhathi.
Anginaso isiqiniseko sokuthi ngizophumelela kanjani. Kodwa ngiqinisekile. Angazi ukuthi ngizoyifeza nini imigomo yami, kodwa ngiyazi ukuthi izofezwa.
Ngiqinisekile ngakho.
Noma yini obhekene nayo ayifani neNkosi. Noma ibuphi ubuhlungu, ukwesaba, ukukhungatheka, ukucindezeleka, ukukhathazeka, noma ukungaqiniseki kwenziwa KUQINISEKILE ngoJesu Kristu.
Ezikhathini zokungaqiniseki, ungesabi. Qiniseka.
Ukuze uxhumane no-David Villa, Chofoza Lapha!
Ukuze ubhalisele i-David’s Podcast, Chofoza Lapha!
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ngezikhathi zokungaqiniseki, uNkulunkulu uqinisekile! Joyina u-David Villa ohlelweni lwakhe lwakamuva njengoba ebheka ukungaqiniseki nokugxeka okwedlule ukuze afinyelele kokuthile okukhulu.
More