NginethembaIsampula

I'm Optimistic

USUKU 4 KWEZINGU- 4

AKUKHO NOKUKODWA

Izizathu zokuqala kuye kweyesithupha zikwenza kucace ukuthi izinhlelo zikaNkulunkulu ziyizindaba ezinhle (ivangeli) ezimpilweni zethu. Hhayi okwamanje kuphela, kodwa ingunaphakade. Kodwa kuthiwani uma okuthile kungikhipha ezinhlelweni Zakhe? NgoPawuli, uNkulunkulu uphendula kwabaseRoma 8:28 kanye no-8:35-39.

  1. UNkulunkulu usebenzela konke okuhle empilweni yami.
    Umzwile uPawuli. "Kodwa kuthiwani ngaleso sikhathi lapho ngi- _____?" Konke. “Noma, kuthiwani lapho lowo muntu ______?” Konke. Kulabo abamthandayo: konke. Isho ngokuzwakalayo, “KO-NKE.” Ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wenza zonke lezi zinto zenzeke kimi? Cha. Ingabe kusho ukuthi Angakwenza konke kube kuhle? Yebo.
  2. Akukho okungangihlukanisa nothando lukaNkulunkulu.
    Uma kunzima ukukukholwa lokhu, funda amaRoma 8:38-39 izikhathi ezingaba yisishiyagalombili. Uhlu lwezinto ezingenakukuhlukanisa nothando lukaNkulunkulu luqinile, kodwa ukuze uphephe uPawuli uphetha ngokuthi, “nanoma yini enye kuyo yonke indalo.” Kungani sinethemba ngalempilo kanye nalokhu okulandelayo? Ngoba akukho okungasehlukanisa nothando lukaNkulunkulu oluvezwa ngoJesu (iVangeli). Yini engenzeka? akukho nokukodwa!

 

Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

I'm Optimistic

Ukulindela okuhle akuncikile kulokho esikubonayo—kusukela kulokho uNkulunkulu akushoyo. Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezine oluvela ku-Life.Church lembula izizathu eziyisishiyagalombili ezivela kwabaseRoma 8 ukuze sihlale sinethemba elingantengantengi. Qala ukufunda ingxenye yokuqala yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church