Owesifazane Obalulekile: Ukwazi Ubuwena KuNkulunkulu Isampula

Umsebenzi Wobuciko KaNkulunkulu
“UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.”
—UGenesise 1:27 (NASB)
LomBhalo onamandla ongenhla, oshiwo ngesibindi esahlukweni sokuqala seZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, wethula iqiniso lokuthi wena, othandekayo, wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu uqobo!
Kuyiqiniso ukuthi ufana noNkulunkulu. Udalelwe ukuthi “ubukeke”, wenze sengaye, futhi ukhulume njengoNkulunkulu wendawo yonke. Ungummeleli Wakhe wangempela emhlabeni kulezinsuku zokuqala zekhulu lamashumi amabili nanye. Wakwenza ukuba ube nguphisi waKhe wobuciko odlula konke. Manje, kunjalo, awuyena uNkulunkulu uqobo Lwakhe. Nokho, wakwenza wafana Naye ngazo zonke izindlela ongazicabanga! UNkulunkulu wadala bobabili owesilisa nowesifazane ngomfanekiso waKhe uqobo. Une-DNA kaNkulunkulu ngaphakathi kuwe!
Awudalelwanga ukuba ubonise ukwenqatshwa kwesikhathi esidlule, ukuhlukunyezwa kwasebuntwaneni, ukuphathwa kabi emshadweni, noma ukutatazela okungokomzwelo—wadalelwa ukuba ubonise isimo nemvelo kaNkulunkulu oLuthando osesimweni somuntu. Unikezwe ithuba elimangalisayo lokuba izandla, izinyawo, kanye nenhliziyo kaJesu emhlabeni osezinhlungwini.
Isitha somphefumulo wakho, uSathane, asifuni ukuthi uzitholele ingcebo yalowo owadalelwa ukuba yikho, ngakho-ke uzama ukukuphazamisa ngemicabango ehlanekezelwe, isimo sengqondo esingalungile, nobuntu bakho obungekho emthethweni. USathane uzama ukuphuca ubuwena ngokukukholisa ukuthi awenele nokuthi awusoze wanele—futhi akukho lutho olungaba kude neqiniso likaNkulunkulu laphakade nelijabulisayo!
Ngemva kokuba uNkulunkulu edale owesilisa nowesifazane, wababusisa, wabe esebanika amandla phezu kwakho konke ayekudalile. Wabashiya bephethe indalo. Wena, mngani wami, ushiywe uphethe kulo mhlaba nguLowo ophethe lonke igunya namandla!
Ngifuna ubone ukubaluleka kokuhlola uhlelo lwakho lwenkolelo mayelana nombono wakho ngawe. Khumbula, awusoze wakwazi ukuphila ngale kwalokho ocabanga ukuthi uyikho. Uma ungakholelwa enhliziyweni yakho ukuthi iZwi likaNkulunkulu lihlala liyiqiniso nokuthi lokho akushilo kuhlanganisa izinhlelo Zakhe ezicatshangelwe kahle, kufanele, kumele, uqale ukuzicabangela wena ngendlela enza ngayo. Uma uhambisa ingqondo yakho eZwini nasezinjongweni zoMdali wakho, kuzoba nomthelela emazwini owakhulumayo, izinqumo ozenzayo, kanye nenkampani oyigcinayo. Ngifuna ucabange ngakho konke oyikho esikhundleni salokho ongeyikho.
Mayelana naloluHlelo

Izici zethu zangaphandle kanye namakhono ethu akuyona ingqikithi yokuthi singobani futhi akufanele neze kunikezwe izwi elichaza ukuphila kwethu. Kumele sithole indlela uNkulunkulu ahlola ngayo ukubaluleka kwethu namandla eqiniso. Njengowesifazane obalulekile, ukhuthazwa ukuba uvumelane nokuthi uNkulunkulu uthi ungubani! Iqiniso elinamandla ngobuwena yileli: Ngeke uzazi kuze kube yilapho usuzazi kuNkulunkulu.
More