Umusa Nokubonga: Phila Ngokugcwele Emuseni WakheIsampula

Grace & Gratitude: Live Fully In His Grace

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Jabulani eNkosini

Ukujabula, ukuthandaza, kanye nokubonga kulula ukukwenza lapho ukuphila kuhamba kahle, kodwa kuthiwani lapho uzama ukuvuka nje embhedeni? UJesu wayazi ukuthi uzoba nezikhathi ezinzima, futhi ikhambi Lakhe lomoya ocindezelekile ukudumisa - hhayi umzabalazo, kodwa ubukhona Bakhe nesithembiso sokuphila okuphakade Naye. Uyakuthanda. Wafela wena. Futhi zonke lezo yizizathu ezifanele zokujabula Kuye futhi sijabule kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. 

Umthandazo:  

Jesu, ngiyajabula ngawe manje futhi ngikubonga ngokusuka enhliziyweni ngomnikelo owawenza kimi esiphambanweni. Ngiyabonga ngeqiniso. Ameni. 

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Grace & Gratitude: Live Fully In His Grace

UNkulunkulu wenze izithembiso eziningi kuwe, futhi uhlose ukuzigcina zonke. Kodwa ezweni lanamuhla, kulula ukukhohlwa ubuhle nomusa kaNkulunkulu. Le nkonzo yezinsuku ezingu-7 izokusiza ukhumbule umusa nezibusiso Zakhe ezichichimayo ngokuqukethwe kokuthandaza, iZwi likaNkulunkulu, kanye nomkhuleko wansuku zonke wokuzindla. Lolu cwaningo luvela kujenali yezifundo ezithi 100 Days of Grace & Gratitude ka-Shanna Noel kanye no-Lisa Stilwell.

More

Sithanda ukubonga i-DaySpring ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: https://www.dayspring.com