Ukwenza isikhathi sokuphumulaIsampula

Making Time To Rest

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Kusho ukuthini ukuphumula?

Izinhlelo zethu ziyaqhubeka nokugcwala inyanga nenyanga. Masihlela ukubandawonye nabangane, siye simangazwe ukuthi ubusuku bethu obulandelayo bokuhlangana busalelwe nje isikhathi esingaphezu kwenyanga. Sinezinhlelo zezingane zethu, imicimbi yebandla, izinhlelo zomsebenzi, imicimbi yokugubha izinsuku zokuzalwa, namaholide asehlobo. Impilo yethu yonke siyihlela ngendlela yokuthi akusali ngisho isikhala esincane sokuzivuselela nokuphumula. 

Ngokuvamile siye sicabange ukuthi ukuphumula kusho ukuvilapha, kokuthi siyahlala nje ekhaya singenzi lutho. Nakuba lokhu kungaba yingxenye yesikhathi sethu sokuphumila, kodwa akusilona udaba oluphelele. 

Ukuphumula kusho ukululama.
kuwukwazi uma sesikhathele, sidinga isikhathi sokuphefumula. Kuwukwazi futhi lapho amandla ethu agcina khona nokuthi siziphatha kanjani izidingo zempilo yethu yansuku zonke. Ukuze imizimba yethu ilulame kahle, kufanele ukuthi siphumule ngokwanele, lokho kusho ukulala kahle ebusuku. Uma njalo sihlala sikhathele, kuyoba ubuhlakani ukuhlolisisa hhayi nje kuphela inani lokulala ebusuku esilitholayo kodwa nobude besikhathi esisitholayo.

Ukuphumula kumayelana nokuvuseleleka. 
Kuwukufunda ukwazi izinto ezisinika amandla nalezo ezingasiniki lutho. Kuwukukhetha ukwenza lezozinto ezizoletha izikhathi zokuvuseleleka nokuthula emoyeni wethu. Uma siqhubeka nokwenza izinto ezisidikibalisayo lapho kumele ngabe sithola izinto ezisigcwalisayo, ukuvuseleleka akusoze kwafika. Ngesikhathi sethu sokuphumula kumele kakhulu sigcwaliswe kunokuthululwa.

Ukuphumula kumayelana nokuhlunyeleliswa. 
Kuwukuhlangabezana nokuhlunyeleliswa okujulile kuzo zonke izingxenye zempilo yethu. Kuwuchitha isikhathi noJehova ukuze senziwe basha emoyeni. Yize singathanda ukwenza izinto ezisivuselelayo ngokomqondo, ekugcineni, sidinga ukuhlunyeleliswa emoyeni ngokuchitha isikhathi noNkulunkulu usuku nosuku. 

Ezinsukwini ezine ezizayo, sizobheka izindlela zokuthola ukuphumula kwemizimba yethu, izingqondo, kanye nomoya. Sizofunda futhi ukuthi singayifaka kanjani inqubo eba yimikhuba yansuku zonke. Ngokwenza lokho, sizobe sisendleleni yokulwa nezinto ezinciphisa izimpilo zethu ngokwengqondo, ngokwemizwa, ngokomoya, nangokwenyama.

Ukucubungulisisa

  • Uma ucabanga ukuphumula, ingabe kuzwakala kuyinto engenakwenzeka? 
  • Lyiphi ingxenye yempilo yakho ozwa ingathi idinga kakhulu ukuphumula? Ingabe Umz imba, ingqondo, noma umoya?
  • Bhala noma isiphi isambulo uNkulunkulu akhuluma nawe ngaso ngenxa yesifundo sanamuhla seBhayibheli noma isikhathi silokujula.
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Making Time To Rest

Ukusebenza ngokweqile nokuba matasatasa kuvamise ukunconywa kakhulu ezweni esiphila kulo, kanti-ke nokuthola isikhathi sokuphumula kubuye kube yinselelo.Kubalulekile ukuthi sizifundise ukuphumula ukuze singathi sesiqedile izinhlelo zethu ngempumelelo, sisale singenamandla okukhuthaza labo esibathandayo nokuqedela kahle imigomo esizibekele yona. Kulezinsuku ezinhlanu ezilandelayo ake sizifundise ukuphumula bese sikwenza futhi lokhu esikufundile.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.