Ingabe IBandla Libalulekile?Isampula

Yikuphi Okungcono: Impisi Eyodwa Noma Umndeni?
Siyabonga ukuthi ubuyile! Amahlaya ami ngezimpisi awahlali engibeka ekhanda lomhlambi. O! Ngikwenzile futhi! Ngoba, impisi ingumhlambi? Ha!
Uxolo. Ngizobuyela endleleni.
Wake wezwa ngempisi eyedwa? Uyazi, impisi enhlanhlathayo emhlambini? Kuhlale kungcono ukuthi impisi ihlale nomndeni wayo, umhlambi wayo. Kufana nathi kakhulu. Asidalelwe ukwenza ukuphila sodwana. Sihloselwe ukuba yingxenye yomndeni—umndeni kaNkulunkulu. IBandla Lakhe. Kodwa bukela le vidiyo. Ekuchaza kangcono kakhulu kunalokho engikwenzayo!
Hawu! Lapho ebona ukuthi wayeyedwa, waqonda ngqo eyofuna umndnei wakubo!
Kuthiwani ngawe? Ingabe uyingxenye yomphakathi webandla lakho? Ingabe unabo abanye abantu abamethembayo nabalandela uJesu ongazihlanganisa nabo? Ingabe uyingxenye yomndeni, noma uzizwa njengempisi eyedwa? Uma uwedwa kulokhu, khuluma nothile ngakho namuhla. Ubungahloselwe ukuhamba kulempilo yokulandela uJesu uwedwa!
Sizohlola ukufunda kwethu 1 KwabaseKorinte 12 futhi namuhla. Kulokhu, qiniseka ukuthi ufunda kancane. Yifunde izikhathi ezimbalwa. Zama ukucabanga ukuthi injani indawo yakho eMzimbeni kaKristu. Uyowenza kanjani umehluko uma uvela emndenini kaNkulunkulu? Futhi umndeni kaNkulunkulu uzoba khona kanjani kuwe kukho konke ukuphila kwakho? Uma ujabule? Lapho ubuza? Lapho wesaba? Lapho unenhliziyo ephukile? Hlala nomndeni kaNkulunkulu. Singcono ndawonye.
Kusasa, sizobheka ikusasa. Angidlali! Umbono wekusasa phambili.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Kungani siya ebandleni? Liyini ibandla? Ingabe ibandla linendaba? Ingabe kufanele ngikhonze ebandleni lami? Liyini ikusasa leBandla? Uyakhula, futhi unemibuzo mayelana nokholo lwakho. Lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezinhlanu luzokusiza ukuthi ubambane neminye yemibuzo ongase uyibuze ngebandla.
More