Izinto uJesu angazange AzishoIsampula
Ngizokuthethelela, noma ungabathetheleli abanye.
Okufanele ukwazi ngamazwi kaJesu ukuthi washo amaningi exoxa izindaba. UJesu wakhetha ukuxoxa ngezindaba ngezizathu eziningi, kodwa esinye sazo kungenzeka ukuthi kwakungenxa yokuthi wayazi ukuthi izindaba zigcwele abalingisi esingazibona sikubo—abalingisi abangase basimemele endabeni uNkulunkulu ayilandisayo ezimpilweni zethu.
Enye yezindaba zikaJesu ilotshwe NgokukaLuka 15:8-10. Wethula phambi kwethu owesifazane owayenezinhlamvu zesiliva eziyishumi. Izinhlamvu zemali Akhuluma ngazo kwakungama-drachma esiGreki ayengaba umholo wosuku ngalunye. Khona-ke, owesifazane walahlekelwa uhlamvu lwemali. Umholo wosuku olugcwele. Hawu! UJesu wasibuza: “Ubengeke yini ayibheke? Apequlule umuzi nekhaya eyifuna?” Yebo, uJesu. Wayezokwenza, futhi sasizokwenza.
uJesu wasitshela ukuthi ulutholile uhlamvu lwemali. Ewu! UJesu waphinda wabuza umbuzo. (Imibuzo ingenye into uJesu ayesho amazwi amaningi kuyo.) Angeke yini akujabulele? Atshele omakhelwane nabangani bakhe? Enze iphathi encane mhlawumbe? Mhlawumbe athenge ikhofi lomuntu olandelayo kulayini? Ngokulandelayo, uJesu wasitshela into emangalisayo ngempela. Njengoba nje owesifazane ejabula ngohlamvu olulodwa lwemali yakhe, uNkulunkulu nazo zonke izingelosi zaKhe bayagubha lapho umuntu oyedwa elungisa ukuphila kwakhe noNkulunkulu.
Leyo yindaba enhle yomusa kaNkulunkulu ngathi, akunjalo? Masiphenye uhlamvu lwemali. Nansi enye indaba. Uchitha izinsuku ezingu-10 nomuntu omkhathalela ngempela. Mhlawumbe uvakashele umndeni. Mhlawumbe kunganoma yiziphi izinsuku ezingu-10 zomshado wakho. Izinsuku eziyisishiyagalolunye zokuqala zinhle, kodwa ngosuku lweshumi, othile ukona ngokujulile. “Ulahlekelwa uhlamvu lwemali.” Umbuzo: Ingabe usuwuhlelile umgubho wothando ngaso leso sikhathi bewulungisa? Noma ingabe uphindaphinda izindlela ozobabamba ngazo emaphutheni abo?
Le ndaba isebenza ngezindlela zombili. Ngoba uJesu akakaze athi, “Ngizonithethelela, ngisho noma ningathetheleli abanye.” Washo izinto ezinjengokuthi, “Thethelela futhi uzothethelelwa; thethelela amashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa (kaningi ngokufanele); futhi uthethelele noma nini unotho, kumuntu noma ubani. Njengoba ufunda amazwi kaJesu namuhla, mcele ukuthi akunike amandla nesibindi sokubhekana nanoma yikuphi ukungathetheleli okungenzeka ubambelele kukho. Futhi, thatha isikhashana ujabula. Wena uluhlamvu lwemali alutholile.
Khuleka: Jesu, ubani okufanele ngimthethelele? Kufanele ngibaxolele kanjani? Ngisize ngelulele umusa ofanayo ongibonise wona.
Mayelana naloluHlelo
Ukube uJesu ubevumelana nayo yonke imibono abalandeli Bakhe ababefake kuyo isimangalo, ubezoba yiNdodana kaNkulunkulu edideke ngendlela emangalisayo, ehlezi ephikisana Naye futhi ematasatasa ehola izinhlangothi zombili zazo zonke izinkulumo-mpikiswano. Ngokujabulisayo, uJesu uzikhulumela Yena. Ungafunda amazwi Akhe kulolu Hlelo olusha LweBhayibheli lwe-Life.Church ukuze luhambisane nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, Izinto uJesu Angakaze Azisho.
More