UkuzijwayezaIsampula

Habits

USUKU 4 KWEZINGU- 6

Ngiyaphenya futhi Ngenza izinguquko

Ingabe usuqalile ukumba ekutholeni ubunikazi obunempilo? Ingabe uqhamuke nemigomo ethile esekelwe kubunikazi bakho kanye neqiniso eliphulukisayo elivela eZwini likaNkulunkulu? Usubatholile abantu abalungile onga bacela usizo? Mhlawumbe uye waqaphela ukuthi lokhu akulula kangako, futhi uye washelela nemikhuba yakho emisha—kodwa wakhumbula ukubanomusa kuwe. Ithini incwadi elandelayo ye-MIKHUBA? Ngiyaphenya futhi ngenze izinguquko. 

Ingabe ukuphenya nokwenza izinguquko kuhlangene ngani? UCharles Duhigg, owabhala The Power of Habit, wenza umqondo owadumile “we-habit loop.” Iluphu yemikhuba iqukethe inkomba, isimiso, nomvuzo. Uma umkhuba wakho kuwukudla kakhulu ngaphambi kokulala, iluphu ingase ihambe kanje. Inkomba: Uhlala phansi nowakwakho noma abangani ukuze nibuke uhlelo bese nibona intengiso enokudla. Umkhuba: Hamba uyohlola isiqandisi uthole okumnandi. Umvuzo: Umzimba wakho ukhipha amakhemikhali amahle njengoba udla ukudla futhi ujabulele odla nabo. Umphumela uba umkhuba oqhubekayo. 

Uma sinqamula umkhuba omdala noma senza omusha, cishe sizobhekana nomzabalazo onzima endleleni. Kwesinye isikhathi lowo mshikashika uhlobene neluphu yomkhuba. Uma ungumuntu ophula umkhuba wokudla ngokweqile ngaphambi kokulala, uzofuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uthole ukuthi yini ngempela inkomba. Mhlawumbe akukhona ukuthengisa kokudla, kodwa isenzo sokubuka uhlelo, ukuhlangana nabangani, nanoma iyiphi enye yezinto ezikudonsayo. Uzofuna futhi ukucabanga ngohlelo lwakho. Ingabe uvele uhlole ifriji ngoba unesizungu, ngoba kuwumkhuba, noma ngoba ulambile ngempela? Umvuzo ubalulekile. Ingabe ukudla noma isenzo sokuhlanganyela ukudla nabantu obathandayo? Mhlawumbe uvele uthuke lapho abantu abathile befikile, noma mhlawumbe uyadla futhi ubuke izinhlelo ukuze ugweme izingxoxo okudingeka ube nazo nomngani wakho womshado. 

Uma sizwa sengathi asikwazi ukugqashuka kulo mkhuba, ake sime, siphenye, bese senza izinguquko. Futhi, masisebenzise iluphu yokwenza imikhuba emihle njengoba sithuthukisa izinkomba ezinhle, izindlela ezinempilo, kanye nemivuzo efanele. 

Nansi into emayelana nokwenza noma ukwephula iluphu yemikhuba izincwadi eziningi ezingeke zikutshele yona: Ihlala ikhona indlela. Sazi kanjani? Ku-1 Korinte 10:13, umphostoli uPawulu usitshela ukuthi uNkulunkulu uthembekile—Ngeke avumele ukuba silingwe ngokungaphezu kwalokho esingakuthwala. Kodwa lapho siyalingwa, uyosinika indlela yokuphuma ukuze sikwazi ukukukhuthazelela. Ngakho masiphenye, senze izinguquko, sithembele kuNkulunkulu, sicele usizo kubantu, futhi siqhubeke sithatha isinyathelo esilandelayo njengoba esiqondisa phambili. 

Cabanga: Iziphi izimpawu zami? Ngingazishintsha kanjani izimpawu ezingezinhle ngifake ezinhle? Ingiholela kuphi imikhuba yami? Iyini imivuzo yomkhuba wami? Ingabe ziyilokho uNkulunkulu angibekele khona? 

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Habits

Ukushintsha akulula, kodwa kungenzeka, futhi. Ukuqala imikhuba emincane embalwa kungashintsha indlela ozibona ngayo namuhla futhi uguquke ube ngumuntu ofuna ukuba nguye kusasa. Lolu Hlelo lweBhayibheli lwe- Life.Church luhamba emiBhalweni ngesifinyezo esilula sokwenza imikhuba emihle yansuku zonke ehlalayo.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.life.church.tv/