Uthando Olumangazayo noFrancis ChanIsampula

Crazy Love With Francis Chan

USUKU 5 KWEZINGU- 7

“Ukukhonza Unkulunkulu Ongcwele Ngezinsalela”

EkaJakobe 2:19 ithi, “Uyakholwa ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa. Kuhle! Namademoni ayakukholwa lokho, athuthumele.” Unkulunkulu akafuni nje ukuthi sibe nemfundiso yenkolo enhle; Ufuna simazi futhi simthande. 1 kaJohane 2:3-4 iyasitshela, “Siyazi ukuthi siyamazi uma sigcina imiyalo yakhe. Umuntu othi, ‘Ngiyamazi,’ kodwa angakwenzi lokho akuyalayo, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye.”

Nithi ngiphambene, kodwa ngicabanga ukuthi lawo mavesi asho ukuthi umuntu othi uyamazi uNkulunkulu kodwa angagcini imiyalo yaKhe ungumqambimanga nokuthi iqiniso alikho kuye.

Abanye abantu bathi singaba amaKristu ngaphandle kokuthi sibe abafundi. Ngiyazibuza-ke ukuthi kungani into yokugcina uJesu asitshela yona kwaba ukuba siye emhlabeni, senze izizwe zonke abafundi, sizifundise ukulalela konke asiyale ngakho? Uzoqaphela ukuthi akengezanga ngokuthi, “Kodwa ke, uma lokho kukukhulu kakhulu ukukucela, batshele ukuthi babe ngamaKristu—uyazi, abantu abangena ezulwini ngaphandle kokuzinikela kunoma yini.”

Manje, angifuni ukuthi amakholwa eqiniso angabaze ukusindiswa kwawo njengoba efunda le ncwadi. Phakathi kwemizamo yethu ehlulekile yokuthanda uJesu, umusa Wakhe uyasisibekela.

Ngamunye ngamunye sinezici ezintukuntuku nemikhuba ekuphileni kwethu; lapho kulele umusa ongakholeki, owedlulele wakho konke. ImiBhalo ibonisa ngokucacile ukuthi kukhona indawo yokwehluleka nokona kwethu ekushisekeleni kwethu uNkulunkulu. Isihe sakhe sisha njalo ekuseni (IsiLilo 3). Umusa wakhe wanele (2 KwabaseKorinte 12:9). Angisho ukuthi uma umosha, kusho ukuthi awukaze ube ngumKristu wangempela kwasekuqaleni. Uma lokho bekuyiqiniso, akekho obengalandela uKristu.

* Uyazibona izithelo zobuKristu empilweni yakho? Uthando lukaKristu, ukulandela imiyalo Yakhe? Uma uzizwa unesibindi, buza othile okwazi kahle ukuthi izenzo zakho ziyambonisa yini uKristu kanye nemiyalo ayinikezayo.

Ekugcineni, bukela le vidiyo bese ucabanga ngamaphuzu okukhulunywe ngawo:

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Crazy Love With Francis Chan

Kuthathwe encwadini yakhe ethengiswa kakhulu ye-New York Times ethi "Uthando Olumangazayo," uFrancis Chan uhlolisisa uthando lukaNkulunkulu olumangalisayo ngathi, nokuthi impendulo yethu efanele othandweni olunjalo kufanele ibukeke kanjani. Kodwa akagcini lapho, usibekela inselele yokuba sizindle ngobukhulu bukaNkulunkulu kanye nomehluko omkhulu phakathi kobukhosi Bakhe baphakade nokuphila kwethu kwesikhashana lapha emhlabeni.

More

Sithanda ukubonga David C Cook ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/crazy_love/