Ukubuyisela Injabulo yakhoIsampula

Recovering Your Joy

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Ukuthola Injabulo Yakho Elahlekile

Funda KwabaseRoma 14:17.

Iyiphi into elula engakulahlekela? Izibuko zakho? Izikhiye zakho? Ingqondo yakho?

Into elula kunazo zonke engakulahlekela yinjabulo yakho. Ungalahlekelwa yiyo ngocingo olulodwa noma i-imeyili, incwadi noma ingxoxo. Ungabuka isikhangisa ku-TV futhi ulahlekelwe injabulo yakho. Kuyinto elula kunazo zonke emhlabeni ukulahlekelwa. Futhi abantu abaningi ezimeni eziningi benza itulo lokukuphuca yona.

Lapho abantwana bakaNkulunkulu bengagcwali ngenjabulo, benza uNkulunkulu abukeke kabi. AmaKristu akhononayo angofakazi ababi. Abukeka sengathi abhapathizwe kuviniga ngoba awakaze amamatheke ngempela. Futhi lokho kwenza uNkulunkulu abukeke kabi.

Kungani? Ngoba uNkulunkulu ufuna sibe ofakazi ebantwini.

IBhayibheli lisitshela ukuthi ukuphila kobuKristu kungafinyezwa ngamagama amathathu: ubuhle, ukuthula nenjabulo. KwabaseRoma 14:17 uthi, “Umbuso kaNkulunkulu awuyona indaba yokuthi sidlani noma siphuzani, kodwa ukuphila impilo yobuhle nokuthula nenjabulo kuMoya oNgcwele” (NLT).

Nokho, iqiniso liwukuthi ungalahlekelwa injabulo yakho ngokushesha, futhi kunezinkulungwane zezindlela zokulahlekelwa yiyo. Kunezinkulungwane yezinto ekuphileni izinciphisa fithi zibulale injabulo yakho, kuze kufike ezingeni lokuthi umuntu ofana noJeremiya, umprofethi kaNkulunkulu, angasho lokhu kuSililo 5:15, “Akusekho ukujabula ezinhliziyweni zethu” (GW).

Angazi noma ulapho namuhla, kodwa uma uke wadlula kuleso sikhathi lapho uzizwa sengathi ulahlekelwe yinhlansi futhi awusondeli kuNkulunkulu njengoba wawunjalo futhi uhamba nje empilweni, udinga ukwazi ukuthi kulula kakhulu ukubuyisela injabulo yakho, futhi.

Ngakho, uyibuyisa kanjani injabulo yakho?

Isinyathelo sokuqala okudingeka usenze ukuvuma ukuthi ulahlekile.

Kumele ubheke okwedlule bese uzibuza imibuzo embalwa: Ingabe sike saba khona isikhathi ekuphileni kwakho lapho wawuseduze noNkulunkulu kunalokho oyikho manje? Ingabe sike saba khona isikhathi empilweni yakho lapho wawujabula kakhulu eNkosini kunalokho oyikho njengamanje?

Manje yisikhathi sokwenza ushintsho. Kodwa kufanele uqale ngokuvuma ukuthi ulahlekelwe yilokho obunakho esikhathini esidlule. Ungabuza uNkulunkulu ngakho; ulinde ukukusiza. UDavide wathandaza lokhu kumaHubo 51:12: “Buyisela kimi intokozo yensindiso yakho” (NIV).
Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Recovering Your Joy

Uma ufuna injabulo empilweni yakho, kufanele uthole ibhalansi ohlelweni lwakho. Umfundisi uRick wabelana ngokuthi ungalungisa kanjani okufakile kanye nalokho okukhiphayo ukuze ukupha nokwamukela kwakho kukusize ubuyise injabulo yakho, ingakulahlekeli.

More

Lomthandaza © 2014 nguRick Warren. Wonke Amalungelo Agodliwe. Isetshenziswe ngemvume.