121 ye-AdventIsampula

121 Advent

USUKU 2 KWEZINGU- 24

Liyini Ithemba?

Kunomehluko ohlukile phakathi kwencazelo yethemba esetshenziswa ngokombono womuntu ojwayelekile, kanye nencazelo yethemba esiyithola emakhasini ombhalo. Kuyinto evamile ukuba nethemba, akunjalo? Si themba ukuthola umsebenzi. Si themba  izingane zethu ziziphathe kahle. Si themba   singenza imali eyanele ukukhokha izikweletu zethu. Kodwa ithemba lethu lobuntu lisikisela izinga elithile lokungaqiniseki, izinto aziqiniseki, zingase zibe khona kodwa akuzona iziqinisekiso. Nokho, emiBhalweni ithemba alinaso ukungaqiniseki. Eqinisweni, isiqiniseko siwumongo wakho, ngoba sincike ekuzinzeni kukaNkulunkulu, isimo Sakhe kanye nentando Yakhe, okungantengantengi. Ngakho-ke, ithemba leBhayibheli lingachazwa ngokuthi, “ukulindela ngokuqiniseka nokulangazelela okuthile okuhle esikhathini esizayo.”

Siyabona futhi emiBhalweni ukuhlobana okuseduze phakathi kwethemba nokholo. KumaHeberu 6:11-12, umbhali wamaHeberu usebenzisa igama, “ukuqinisekiswa okugcwele kwethemba”. Lesi sisho sisetshenziswe futhi kumaHeberu 10:22 futhi sihunyushwa ngokuthi, "ukuqinisekiswa okugcwele kokukholwa". Ukukholwa esikuchazelwe kumaHeberu 11:1 kusitshela ukuthi ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo kanye nokuqiniseka ngezinto ezingabonwayo. Ngakho ithemba liyingxenye yokholo ebheke ngqo ikusasa, kuyilapho ukholo luhlanganisa ukukholelwa nokuthembela kuNkulunkulu ngesikhathi sethu esidlule, samanje, nekusasa lethu. Lo mehluko ubalulekile ekuqondeni ukuzethemba okusethembeni elichazwe eBhayibhelini. Ithemba libalulekile okholweni lwethu.

Imindeni Enezingane Ezincane

IZINGANE Yiziphi ezinye zezinto onethemba lazo? Mhlawumbe unethemba lokuthi uKhisimusi uzofika ngokushesha? Mhlawumbe unethemba lokuthi uzosithola leso sipho esisodwa osifunayo ngempela? Ingabe unethemba lokuthi kuzokhithika? Sivame ukuthemba izinto kodwa singaqiniseki ukuthi zizokwenzeka noma cha. UmBhalo usitshela ukuthi singaqiniseka ngethemba lethu kuKristu futhi akudingekile ukuba sibe nokungaqiniseki!

Funda  amaHebheru 6:11-12 kanye  namaHebheru 11:1.  IZINGANE, Lifana nani ithemba? (ukholo) Ukholo luwukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, ngakho singathembela ngokuphelele ezithembisweni zikaNkulunkulu. Ngakho ingabe ukhona umehluko ethembeni lethu lezinto zaleli zwe kanye nethemba esinalo kuKristu?

Funda  NgokukaLuka 1:5-17.  IZINGANE, Ucabanga ukuthi u-Elizabeth wayenethemba lokuthola umntwana? La mavesi athi ubani owayeza? (uJohane uMbhapathizi) Yayiyini injongo kaJohane uMbhapathizi? (ukulungisa indlela kaKristu nokulungisela abantu ukufika Kwakhe) Yiziphi ezinye zezinto ozifundayo ngokuthi uJohane wayezoba ngubani ngokwala mavesi? (uyakuba ngolungileyo, abe mkhulu emehlweni kaJehova, abuyisele abantu bakaNkulunkulu kuye, agcwaliswe ngoMoya oNgcwele)

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

121 Advent

Ukuzalwa kukaKristu, ukufika Kwakhe, kuphawula icebo likaNkulunkulu lokuhlengwa kwethu. KuKristu, sibona isithombe esigcwele sethemba likaNkulunkulu, ukuthula, injabulo nothando. Izwi likaNkulunkulu liyiqiniso esazi ngalo futhi sihamba Naye nsuku zonke. Sethemba ukuthi lo mhlahlandlela uzokhuthaza futhi wenze lula isikhathi sakho osichithwa eZwini futhi unikezele insiza yemindeni enezingane ukwenza lokho ndawonye.

More

Sithanda ukubonga i-121 Community Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: htp://121cc.com/

Izinhlelo zohlobo olufanayo