Qondisa Ingqondo Yakho-Qapha Inhliziyo Yakho- Gcwalisa Umusa Ulimi LwakhoIsampula

Guide Your Mind-Guard Your Heart-Grace Your Tongue

USUKU 8 KWEZINGU- 21

Njengoba seniyazi ukuthi kusho ukuthini ukuba nomqondo owenziwe musha ocabanga yona kanye imicabango kaKristu, sekuyisikhathi sokufakelwa kwenhliziyo yohlobo oluhle kakhulu! Sekuyisikhathi sokuba wenze indawo yenhliziyo kaNkulunkulu ekujuleni kwakho. Unkulunkulu ufuna ukususa inhliziyo yakho elukhuni, ekhandlekile, futhi egugile futhi esikhundleni sayo afake inhliziyo Yakhe ephelele. 

Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “inhliziyo” kuleli vesi lithi leb, elichazwa ngokuthi “umphefumulo, isihlalo sokuphila, isihlalo semizwa, imizwelo, kanye nezilokotho; isihlalo sentando nenjongo.” Sakhela phezu kwale ncazelo, singaphetha ngokuthi inhliziyo iyingxenye yokwakheka komuntu enquma indlela umuntu azokwenza ngayo kunoma yisiphi isimo ekuphileni; inhliziyo iphinde ibe yisifudumezi semizwa futhi ilawula ukuthi siyizwakalisa kangakanani imizwa yethu ngokuphathelene nabantu, izehlakalo, nezimo.

Inkinga ngenhliziyo yakho ukuthi ayifuni ukugadwa! Inhliziyo yakho izimisele ngokuziveza ngomdlandla futhi ngokuvamile ngomoya ophezulu. Inhliziyo yakho ifuna ukuzwakalisa ngehaba futhi idlale zonke izimo empilweni. Kodwa iBhayibheli alisho ukuthi “uveze” inhliziyo yakho; lithi “qapha” inhliziyo yakho.

Isinqumo sokuqapha inhliziyo yakho ngenhlonipho nangokwethembeka sizothinta zonke ezinye izici zokuphila kwakho. Izinto ozivumelayo ukuthi zingene ekujuleni kwenhliziyo yakho zizonquma indlela owenza ngayo, futhi ngokungangabazeki ziyonquma isithunzi sakho. Akumele nje uqaphe ukuthi yini evunyelwe ukungena enhliziyweni yakho, kodwa futhi kufanele uqaphe okuvunyelwe ukuphuma enhliziyweni yakho. Ngakho, ikhono lakho lokuqapha imingcele yenhliziyo yakho liyohlala linquma imingcele yokuphila kwakho. 

Qapha inhliziyo yakho ngokwethembeka, futhi uzoba ngowesifazane kaNkulunkulu ozinzile futhi onamandla okwazi ukubhekana nezinselelo nobunzima empilweni ngaphandle kokubeka abanye emizweni engagadiwe, engagxilile. Ifa olinikezayo liyoqhubeka izizukulwane ngezizukulwane ngale “kwe-deshi” esetsheni lakho lethuna, futhi uzokwaziwa kuze kube phakade njengowesifazane ohloniphekile nothembekile. Qapha inhliziyo yakho ngaphezu kwakho konke okunye, futhi uyoba nenjabulo yokuphila ukuphila okuchichimayo nokujabulisayo! 

Ukusebenza Komuntu Siqu: Ngokusekelwe kulokho okufundile, ungakuchaza kanjani ukubaluleka kwenhliziyo yakho emehlweni kaNkulunkulu?

UmBhalo

Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

Guide Your Mind-Guard Your Heart-Grace Your Tongue

Ngamunye wethu sikhulume amagama “ngaphansi kwethonya” lemizwa esontekile nokucabanga okungahlelekile. Futhi ngokushesha sifisa sengathi singaba namandla omlingo okubuyisela lawo mazwi. Yimicabango nemizwa yethu enquma ukuthi yimaphi amagama aphuma emilonyeni yethu. Qondisa Ingqondo Yakho, Qapha Inhliziyo Yakho, Gcwalisa Umusa Ulimi Lwakho luzokwenza ukwazi ukulawula imicabango nemizwa yakho ukuze uthande ulimi lwakho.

More

Sithanda ukubonga i-Just Joy Ministries ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://justjoyministries.com