Qondisa Ingqondo Yakho-Qapha Inhliziyo Yakho- Gcwalisa Umusa Ulimi LwakhoIsampula

Guide Your Mind-Guard Your Heart-Grace Your Tongue

USUKU 20 KWEZINGU- 21

Uma ulimi lwethu lungabanjwa ngamatomu lushiywa lungalawulekile, lungaba necala lomlilo! Zingase zibe ncane ngosayizi futhi azivamile ukubonakala, kodwa ziyakwazi ukubangela ukushisa nokubhubhisa okukhulu. Ezweni elingabonakali, elingokoqobo kakhulu kunezwe esilibona ngamehlo ethu, sihlanganyela esenzweni esisabekayo sokushiswa noma nini lapho singenalo umusa kumuntu okhuluma ulimi lwethu. Uma wena noma mina sikhetha ukuklolodela othile, impilo igajwe amalangabi anonya futhi anolaka. Ngokufanayo, lapho wena noma mina sikhetha ukufafaza amahlebezi angenabufakazi, sishisa okuthile okuyigugu kakhulu ekuphileni komuntu. 

Ujakobe ukucacisile bha ukuthi lokhu kuthambekela kuzalelwa kuphi—kuvela esihogweni. Umlilo uvela emlilweni; umlilo ofafazwa ulimi lwakho waqoqwa emlilweni wesihogo. Isitha sivamise ukuzama ukuthonya ukukhetha okwenziwa ulimi lwethu, kodwa kunendlela yokumisa ithonya lwaso futhi simenze abaleke. KuJakobe 3, ukutshela ukuthi kufanele ubeke lelotomu phezu kwawo; khona-ke kufanele ube ukapteni womkhumbi wakho futhi usebenzise iphini lokuqondisa umkhumbi ukuze uphume emanzini aneziyaluyalu neziphepho ezinamandla. Okokugcina, kufanele unqume ukuthi ulimi lwakho alusoze lwabasa omunye umlilo. 

Nakuba ulimi lwakho lunekhono lokuthungela izimpilo zabantu ngomlilo ngokukhuluma izinto ezimbi kanye nenkulumo engenaluzwelo, khumbula njalo ukuthi lunamandla okuphakamisa izimpilo zabantu ngokuhle nangokukhuthaza, ikakhulukazi labo abasondelene nawe kakhulu. Lapho inkulumo yakho inandisiwe ngomusa, futhi lapho amazwi olimi lwakho ephana kakhulu ngokuqonda, wenza ukuphila komuntu kuchume njengengadi eniselwe kahle. Ulimi lwakho luyakwazi ukuletha ukukhula okusha emhlabeni womuntu kanye nokuletha impilo engajwayelekile ebudlelwaneni babo. Yeka amathuba avela kuNkulunkulu! 

Ukusebenza Komuntu Siqu: Zibekele isikhathi sokuthandaza ucele uYihlo osezulwini ukuba alawule ulimi lwakho olungalawuleki futhi alwenze lube yindlela eyisibusiso kwabanye.

Usuku 19Usuku 21

Mayelana naloluHlelo

Guide Your Mind-Guard Your Heart-Grace Your Tongue

Ngamunye wethu sikhulume amagama “ngaphansi kwethonya” lemizwa esontekile nokucabanga okungahlelekile. Futhi ngokushesha sifisa sengathi singaba namandla omlingo okubuyisela lawo mazwi. Yimicabango nemizwa yethu enquma ukuthi yimaphi amagama aphuma emilonyeni yethu. Qondisa Ingqondo Yakho, Qapha Inhliziyo Yakho, Gcwalisa Umusa Ulimi Lwakho luzokwenza ukwazi ukulawula imicabango nemizwa yakho ukuze uthande ulimi lwakho.

More

Sithanda ukubonga i-Just Joy Ministries ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://justjoyministries.com