Ukuthola Ukuphumula Ezweni ElimatasatasaIsampula

Finding Rest In A Busy World

USUKU 5 KWEZINGU- 9

Ivesi likaLuka esisanda kulifunda lithi uMariya walalela. Emzukuzukwini womhlaba wanamuhla lokho kungaba enye yezinselelo zethu ezinkulu - ukulalela ngokweqiniso. Kuhlala kukhona umsindo noma isithiyo esiphazamisa kokubalulekile. “Okufanele ukwenze” akupheli ekufuneni kwakho. Kunoku nkenteza okuqhubekayo, umsindo emiphefumulweni yethu. Size some futhi somele ngaphakathi.

Lapho uMariya ebheka kuJesu, konke okunye kwashabalala. Angazi ngawe, kodwa ngivame ukuza kuye ngeso elilodwa ewashini noma ocingweni lwami. Bese ngiyamangala ukuthi kungani ngingezwanga kuYe ngalolosuku. 

Ukulalela kuhlanganisa ukusondela Kuye. Ukulalela kuhilela ukuvala iziphazamiso ngamabomu ukuze abambe imicabango yethu nezinhliziyo zethu. Ukulalela kuhlanganisa nokuthula ngokwanele ukuzwa uNkulunkulu ehleba. 

Kufanele sikhethe ukuthi sikhetha umsindo noma sikhetha ukuvala yonke enye into ukuze sizwe Yena ekhuluma. Uyafisa ukuthi sisondele ukuze simuzwe lapho ehleba.

Thembela Ngaphakathi

Nkosi, ziningi izinto osukwini lwami ezikhankasela ngokuthi ngizinake. Ngezinye izikhathi, incindezi inzima kakhulu. Kwesinye isikhathi, nokho, umsindo usuka ngaphakathi kimi - umqondo ophithene uvala izwi Lakho. Ngisize ngilalele izinkulumo zaKho. Ngiyakudinga, O ngiyakudinga. Ameni

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Finding Rest In A Busy World

Akukho ukuzulazula eqinisweni lokuthi siphila emhlabeni ojikelezayo njalo. Silangazelela ukuthula emiphefumulweni yethu - kodwa, ngokujwayelekile, lokho kuphumula okujulile kubonakala kungenakufinyeleleka kithi. Noma ingabe kunjalo? Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, ake sichithe imizuzu embalwa silunguza emzini kaMariya noMarta eBethaniya. Odade ababili ababethanda uNkulunkulu - kodwa babonisa lolo thando ngezindlela ezihluke ngokuphelele. Kusukela esenzakalweni esincane sikaLuka lapho uJesu evakashela odade ababili, kanye nezinye izingxenye zemiBhalo, masifunde ukuthola ukuphumula ngempela kuYe yedwa. 

More

Sithanda ukubonga Susan Narjala ngokusihlinzeka loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.susannarjala.com