Ukusebenza Okungcwele: Yamukela Impilo Yokusebenza Kanzima, Yokuphumula-KahleIsampula

Holy Hustle: Embrace A Work-Hard, Rest-Well Life

USUKU 5 KWEZINGU- 10

Ngake ngafunda indaba kaRuthe eBhayibhelini izikhathi eziningi ngaphambilini, kodwa ngelinye iSonto ngabona okuthile engangingakulindele. URuthe akazange nje enze okuncane ukuze adlule. Aphithizele. Wasebenza kanzima, ngenhlonipho, ephumula lapho kudingeka, futhi eqeda umsebenzi owawuphambi kwakhe. Wasebenza kwaze kwahlwa, ebutha amalitha ebhali angu-26 ukuze ondle umndeni wakhe. URuthe wabonakala esebenza, futhi uNkulunkulu wenza icebo ngempilo yakhe elalizoholela ekushadeni kwakhe noBhowazi nendawo yakhe ohlwini lozalo lukaJesu.

Lokho ukuphithizela okungcwele. U-Ruthe akazange akhuthazwe ukuduma noma ukuqashelwa. Ukuqoqa okusanhlamvu kwakuwumsebenzi onzima, olimazayo. Bekungeyona into ewubukhazikhazi noma edumile noma ehlaba umxhwele. Kwaku wukuzithoba. Umsebenzi kaRuthe wawunenjongo nenhloso, futhi ngikholelwa ukuthi nowethu unjalo.

Kuthiwani ukube uRuthe waqalaza indlu encane ayehlala kuyo noNawomi futhi wagxila kakhulu kulokho ababentula khona kunalokho ayengabanika kona? Kuthiwani ukube uRuthe wayephume eyofuna umsebenzi owawuyomenza azizwe ebalulekile esikhundleni sokwenza umsebenzi owawuyombeka lapho uNkulunkulu ayemfuna khona? Kungenzeka ukuthi uphuthelwe ngokuphelele ukuvuna, kanye nezibusiso uNkulunkulu ayefuna ukumnika zona njengoba ehlenga umndeni wakhe.

Kungaba nzima ukuphuma siyokwenza umsebenzi onzima uNkulunkulu asibizele wona. Mhlawumbe ucelwe ukuba uyokhonza endaweni engamhloniphi uNkulunkulu, futhi uzizwa uyisihambi kwelinye izwe. Noma mhlawumbe uNkulunkulu ukulethe endaweni entsha, futhi amaphupho akho okwenza umsebenzi oncomekayo ongaletha ukuqashelwa nodumo athathelwe indawo ngobizo lokukhonza ngendlela encane kakhulu. Mhlawumbe ubusebenza ngokwethembeka endimeni oyithandayo kodwa uzizwa ukhungathekile ngokuthi awusiboni isithelo somsebenzi wakho.

Uma siyeka ukulwela futhi siqala ukukhonza, siqala ukwethemba uNkulunkulu ukuthi uzovuna lokho esikutshala ngokwethembeka. Umusa owuletha emsebenzini wakho ungase ube yiyo kanye into esondeza umuntu kuNkulunkulu. Uthando olubonisa abanye ezindaweni ezincane, ezingabonakali, ezithembekile kungase kube yisona sinyathelo uNkulunkulu azosisebenzisa ukusondeza abantu eduze Kwakhe. Futhi lezo zimbewu ozitshala ngokholo ngolunye usuku, izizukulwane ngemva kokuba usuhambile kulo mhlaba, zingaba yisisusa sesipho esihle uNkulunkulu afuna ukwabelana ngaso nomhlaba.

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Holy Hustle: Embrace A Work-Hard, Rest-Well Life

Ibhalansi. Yilokho esikulangazelela ezimpilweni zethu njengoba sizwa ukumemeza kokuthi "sebenza ngokuzikhandla!" endlebeni eyodwa, futhi kunyenyeze okuthi "uphumule kakhudlwana" kwenye. Kuthiwani uma icebo likaNkulunkulu ngathi lingeyona indlela eyodwa noma enye? Ngena ekusebenzeni okungcwele—indlela yokusebenza kanzima nokuphumula kahle ngezindlela ezidumisa uNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga i-Crystal Stine ne-Harvest House Publishers ngokusihlinzela ngalolu Hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.harvesthousepublishers.com/books/holy-hustle-9780736972963