Ukubaluleka Kwesidlule kukho: Umhlahlandlela WabasindileIsampula

The Importance Of The Experience: The Survivors Guide

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Ekugcineni Ngikhululiwe

Ngethemba ngempela ukuthi lolu chungechunge lukubusisile! Ngethemba ukuthi uyakubona ukubaluleka Kwesipiliyoni. Ngethemba ukuthi ubonile ukuthi ubunzima buza ngaphambi kokuphakama. Ngethemba ukuthi ukhulile ukwamukela okwenzekile ngoba ukuubeke phansi wakubuyisela kuNkulunkulu. 

Kodwa-ke, njengoba usubonile ukuthi kungani ukuthethelela, kunento eyodwa okumele siyibheke …

Manje sekusobala ukuthi yini ohlela ukuyibuyisela kukho?

Ohambeni lwami, ngathola isambulo. Ngaqala ukuqonda ukuthi ungazidabukela kuphela isikhathi eside ngaphambi kokuba kuphenduke indlela ejwayelekile yokuzizwa nokucabanga. Kufanele uzuthuntuthe uthuli uqhubekele phambili. Zama futhi. Phila futhi. Thanda futhi. 

Kulele kithi! manje sinesibopho sokuguqula izifiso zokuphulukiswa nokuba ngcono, zibe izenzo. Iluphi uhlelo esizoqala ukulusebenzisa ukuze uhambo lokuya ‘ukuba ngiphelele’luqale? Enye yezindlela eziphumelela kakhulu zokuthola ukuphulukiswa nokujwayela indlela entsha yokucabanga kungezwi likaNkulunkulu. ngokweqiniso akukho okufana nalokhu! 

Izindlela zokufunda nokugaya izwi likaNkulunkulu azipheli. Umgijimi wemarathon akasoze alungela uma edebeselela ukudla okulinganiselayo, ukuzilolonga, ukwakha ukubekezela  noku  thatha ikhefu ukuze uzibuyise. 

Kunjalo nakithi makholwa. Siyohlala sikhathala futhi sithukuthelele uNkulunkulu ngobunzima, uma singakakulungeli bona noma uma singaqondi ukuthi bubaluleke kangakanani futhi budingeka kangakanani. Kodwa uma sesikusebenzisa esikufundile kulokhu kuzinikela, uzoqaphela ukuthi konke kumayelana nokungaguquguquki, nsuku zonke okuqinisa ukunqoba kwethu njengoba sesikhululekile.

Namuhla, ngihlanganyela nawe ekukhetheni ukuhamba ngokunqoba. Ukuhamba emuseni siphakamise amakhanda ethu! sibhekane nemikhubeni nezinqinamba ezedlule imuva elisishiye nazo. 

Sekwanele ngoba ekugcineni sesikhululekile! 

Isimemezelo

“Ngiphelele ngokwanele. Angisiyena owokulahlwa. Ngingumnqobi. Mina ngiyikhanda hhayi umsila. Ngaphezulu hhayi ngaphansi. Ngiyazibona manje, njengoba Engibona. Ngakho, manje ngizozithanda, njengoba Yena engithanda. Unkulunkulu unami njalo. Ngiyawina. Ngikhululekile”

 

“Yonke imbali eqhakazayo, idinga ukungcola ukuze ikhule”- U-Becca Folkes.

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

The Importance Of The Experience: The Survivors Guide

Siphilela uNkulunkulu ongenamahloni ngokuthi singobani, noma izinto esidlule kuzo. Kunezimo ezingakwenza uzizwe ngaleyo ndlela. Ngakho-ke, noma ngabe uhlukunyezwe ngokocansi, ngokomzimba, emoyeni, noma ngokwengqondo lokhu kufunda kungokwakho. Nganukubezwa iminyaka engu-10. kodwa ngathola ukuphulukiswa! Ngifuna ukukusiza wenze okufanayo.

More

Sithanda ukubonga 2BRealMedia Ltd ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.beccafolkes.com