Izihluthulelo Eziyisikhombisa Zokuphelela NgokomzweloIsampula
Isihluthulelo 7: Cela Usizo KuMoya Oyingcwele
UmBhalo usitshela okuwukuphela koMhlahlandlela okufanele sithembele kuwo uMoya oNgcwele. Nguye owazi okwedlule ngokuphelele, kusukela ngesikhathi sisathwelwe kuze kube manje, futhi owazi nekusasa lethu, kusukela kulolu suku kuze kube phakade. Uyalazi icebo likaNkulunkulu kanye nenjongo ngathi namuhla kanye nosuku ngalunye lwempilo yethu. Uyazi futhi okuhle nokufanele thina.
UJesu wabhekisela kaningi kuMoya ngokuthi “uMoya weqiniso.” Qaphela ukuthi wathini ngomsebenzi kaMoya oNgcwele empilweni yakho: “Uyokuniholela kulo lonke iqiniso; ngoba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uzakukukhuluma; futhi uyakunazisa okuzayo” (NgokukaJohane 16:13). Umoya weqiniso ufana nekhampasi yangaphakathi ezimpilweni zethu, njalo usikhomba kulokho uJesu ayeyoba yikho, akushoyo, noma akwenze nganoma isiphi isikhathi.
Konke uJesu akwenza wambulelwa nguYise. Nathi, kufanele sicele uMoya oNgcwele ukuba asembulele intando kaBaba kithi. Umuntu ophile kahle ngokomzwelo angase azizwe ethukuthele, ngokwesibonelo, kodwa ngokucela isiqondiso kuMoya oNgcwele mayelana nendlela yokuyidlulisela leyo ntukuthelo ekuziphatheni okuhle, lowo muntu uzothola indlela yokukhipha intukuthelo ephumela esibusisweni, hhayi ekulimaleni. Umuntu ophile kahle ngokomzwelo angase azizwe edumazekile noma edangele, kodwa ngokucela isiqondiso kuMoya oNgcwele, uyoholelwa emathubeni amasha aphumela ethembeni.
Khumbula, uMoya oNgcwele unikezelwa kuwe lapho ubeka ithemba lakho kuKristu. Inkonzo kaMoya oNgcwele iwukukunikeza isiqondiso neseluleko nsuku zonke, ukukusiza uhambe ezindleleni zeNkosi, futhi wenze ukukhetha okuhlakaniphile. Cela usizo lukaMoya oNgcwele nsuku zonke. Cela Yena ukuthi akuvikele ebubini futhi akuholele ekulungeni. Mnikeze amandla phezu kweshejuli yakho, izikhathi zakho ezimisiwe zansuku zonke, kanye nemizwa oyizwayo. Methembe ukuze akusize uphishekele impilo engokomzwelo namandla, ulethe impilo yakho yemizwa ekuvumelaneni nempilo yakho yokomoya—impilo yonke esekelwe kuJesu Kristu.
Zitholele ezinye izinhlelo zokufunda ezifana nalesi kokuthi intouch.org/plans.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Kunezici eziyisikhombisa ezinkulu zokuphelela ezihilelekile ekufuneni okungcono kakhulu kukaNkulunkulu ngempilo yakho engokomzwelo. Awudingi ukuthatha lezi ngokulandelana. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuthi wakhe imikhuba ebalulekile empilweni yakho ezokusiza ukuthi uphelele emoyeni nasemizweni yakho. Zitholele ezinye izinhlelo zokufunda ezifana nalesi kokuthi intouch.org/plans.
More