Ukuhamba NoJesu - Izinsuku Ezingu-40 zeLente ZokufundaIsampula

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

USUKU 37 KWEZINGU- 40

Abesifazane abazange bakholwe ababekubonile. Noma kunalokho, abangakubonanga . Kwakungekho sidumbu ethuneni. Ingelosi yabatshela ukuthi uJesu uvukile. Ingabe lokhu kungaba yiqiniso? Bagijima bayobikela abafundi, ingxube yesasasa nokwesaba kudlula emithanjeni yabo.

Kungaleso sikhathi lapho uJesu ehlangana nabo. Abesifazane babengekho ezingeni eliphelele ekukholweni kwabo. UmBhalo uphawula ukuthi babesesaba. Kodwa uJesu wahlangana nabo khona lapho ababekhona. Akazange alinde isikhathi lapho ukholo-o-mitha yabo yayinyakaziswa yonke indlela. Wahlangana nabo ngenkathi besagoqe izingqondo zabo kukho konke abahlangabezane nakho. 

Konke abesifazane ababengakwenza ukuze baphendule kwakuwukuwela phambi Kwakhe bamkhonze.

Letha Ekhaya

Ingabe ngizizwa sengathi ngidinga ukuphila okuphelele nokholo oluphelele ngaphambi kokuba ngibe nobudlelwane bangempela noJesu? Ithini impendulo yami lapho uJesu ehlangana nami endaweni lapho ngiswele?

Thembela Ngaphakathi

Nkulunkulu womusa, ngiza kuwe ngokukhonza ngoba uhlangana nami khona lapho ngikhona. Uyayazi inhliziyo yami futhi uyazi ukuthi ngeke ngithole izinto ngendlela eyi-100%. Kodwa kungakho wathumela iNdodana yakho ukuthi izongifela – ngoba sonke sonile futhi sisilela enkazimulweni yakho. Ameni

Usuku 36Usuku 38

Mayelana naloluHlelo

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

‘Ukuhamba NoJesu’ kuwuhlelo lweBhayibheli lokusisiza sihambe noJesu ezahlukweni ezimbili zokugcina zikaMathewu. Siyama ukuze sigxile ezinsukwini zikaJesu zokugcina emhlabeni nokuthi lokho kusho ukuthini kithi. Lokho kung...

More

Sithanda ukubonga Susan Narjala ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.susannarjala.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo