Ukuhamba NoJesu - Izinsuku Ezingu-40 zeLente ZokufundaIsampula

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

USUKU 27 KWEZINGU- 40

Esephuzile, uJesu wathi: “Kuphelile.” Ngemva kwalokho wagebisa ikhanda, wanikela umoya wakhe.

Lawo magama amathathu - Kuqediwe - ayisimemezelo sokunqoba

Ujesu usebenzisa imisho engajwayelekile. Uhlelo lolimi olulungile lungaba: Kuqediwe. 

Nokho, uJesu uhlehla ngamabomu uhlelo lwakhe lolimi ukuze amemezele ukuthi umphumela womhlatshelo wakhe ungowaphakade. Unjalonamuhla. Umhlatshelo wakhe unjalo okwamanje, njengoba kwakunjalo ngaleso sikhathi. 

Ujesu wayesewuqedile umsebenzi ayewuzele. Kwaqedwa kwaze kwaba sekupheleleni. Wayekuthulula ukuphila kwakhe kwaze kwaba sekufeni. Wenza ukuba isintu esinesono sibe nobuhlobo obuphakade noNkulunkulu oNgcwele.

Akukho okumele kwengezwe kukho. Ayikho imisebenzi emihle. Akusekho ukuzidela. Lokhu kwaba ukunqoba okukhulu esintwini sonke. Ukunqoba isono nokufa. 

Letha Ekhaya

Ingabe ngiyakholwa ukuthi ngiyasinqoba isono ngenxa yesiphambano? Noma ingabe ngandlela-thile ngizizwa sengathi anginamandla ngokwanele ukuba ngimelane namazinga okonakala alethwa izwe? Ingabe ngibambelela esiphambanweni hhayi nje kuphela ukuze ngisindiswe kodwa futhi ngibambelele ekunqobeni isono nsuku zonke na?

Thembela Ngaphakathi

Baba Nkulunkulu, Ngezinye izikhathi, ngiwela esonweni esijwayelekile. Ngiyakhohlwa ukuthi unqobile. Ngisize ngiqonde ukuthi “kuphelile.” Engikwenzayo nje ukwamukela leso sipho futhi ngiphumule kulokho okufezile. Ameni

Usuku 26Usuku 28

Mayelana naloluHlelo

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

‘Ukuhamba NoJesu’ kuwuhlelo lweBhayibheli lokusisiza sihambe noJesu ezahlukweni ezimbili zokugcina zikaMathewu. Siyama ukuze sigxile ezinsukwini zikaJesu zokugcina emhlabeni nokuthi lokho kusho ukuthini kithi. Lokho kungishintsha kanjani kulokho engiyikho nokuthi ngingokabani namuhla?  Sizozinika isikhathi sokugxila emiBhalweni futhi ‘siyilethe ekhaya’ ngemibuzo ezosenza sicabange ukuthi sikuphi ohambweni lokwazi uJesu.  

More

Sithanda ukubonga Susan Narjala ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.susannarjala.com