Ukuhamba NoJesu - Izinsuku Ezingu-40 zeLente ZokufundaIsampula

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

USUKU 21 KWEZINGU- 40

Kukhulunywa ngaye ngokudlula. Nokho ubizwa ngegama eBhayibhelini: Usimoni waseKhurene.

Ngenkathi ephoqwa amasosha amaRoma ukuba athwale isiphambano, ingabe naye wanquma ngokuzithandela ukusiza uJesu?

Ekuthwaleni Isiphambano sikaJesu, uSimoni waseKhurene waba ngumuntu wokugcina ukusiza uJesu. Ngokungazi walingisa imfundiso kaJesu yokuthi noma ubani ofuna ukumlandela, kumelwe athwale isiphambano sakhe. Kulokhu, kungenzeka ukuthi kwakungesona isiphambano sikaSimoni, kodwa nokho kwamlahlekisela okuthile. Cishe wayegconwa futhi ehlekwa. Mhlawumbe washaywa amasosha amaRoma. Isiphambano, vele, sasinzima futhi umgwaqo, mude. Nokho, wahamba noJesu. Ujesu wayesehamba naye. 

Ngokuba umuntu wokugcina owasiza uJesu, uSimoni ukhunjulwa ngezizukulwane. 

Ngokungangabazeki, impilo kaSimoni kumelwe ukuba yashintshwa unomphela. Usimoni wabona uJesu eseduze, ephukile futhi elimele, nokho ebeka unyawo oludiyazelayo phambi kolunye. Nokungaphumi nezwi lokuphikisa. 

Kwakungekho ndlela yokuthi wayezohamba asuke kulokho kuhlangana, engashintshile.

Letha Ekhaya

Ingabe ngizimisele ukudonselwa endabeni enkulu kakhulu kunalokho ebengikuhlelile? Ingabe ngizimisele ukuthwala isiphambano sami futhi ngilandele uJesu ezindleleni engingazilindele? Ngiyamethemba yini ukuthi uzohamba nami?

Thembela Ngaphakathi

Jesu, ngimangala ngamandla akho kanye nomusa wakho ngenkathi uhamba ngaleyo ndlela eya eGolgotha. Ngisho nangaleso sikhathi, ngikholelwa ukuthi unikeze. Unikeze uSimoni ithuba lokuhlangana nawe ngokujulile. Uyihlanganise indaba yakhe endabeni yakho enkulu. Ushintshe impilo yesivakashi esingachazeki eJerusalema ngokumfaka endabeni yothando enkulu kunazo zonke emlandweni. Ameni

Usuku 20Usuku 22

Mayelana naloluHlelo

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

‘Ukuhamba NoJesu’ kuwuhlelo lweBhayibheli lokusisiza sihambe noJesu ezahlukweni ezimbili zokugcina zikaMathewu. Siyama ukuze sigxile ezinsukwini zikaJesu zokugcina emhlabeni nokuthi lokho kusho ukuthini kithi. Lokho kungishintsha kanjani kulokho engiyikho nokuthi ngingokabani namuhla?  Sizozinika isikhathi sokugxila emiBhalweni futhi ‘siyilethe ekhaya’ ngemibuzo ezosenza sicabange ukuthi sikuphi ohambweni lokwazi uJesu.  

More

Sithanda ukubonga Susan Narjala ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.susannarjala.com