Ukuhamba NoJesu - Izinsuku Ezingu-40 zeLente ZokufundaIsampula

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

USUKU 11 KWEZINGU- 40

Kwakuwukukhaphela okukhulu kunakho konke - umuntu ongenasono enikezwa isigwebo sentambo ngumuntu othi ungumngani nomlandeli wakhe.

Kodwa, kukho konke lokhu, okungihlaba umxhwele ngempela amazwi kaJesu kuJudasi njengoba eza ephelezelwa isixuku samadoda athukuthele, adukisiwe. Ujesu umane athi, “Yenza lokho oze ngakho, mngani.”

Ubiza uJudasi ngokuthi “umngani.” Angikholwa ukuthi uJesu wayesebenzisa lelo gama kalula. Lowo nguNkulunkulu wothando. Ibhayibheli kwabaseRoma lithi, siseyizitha zakhe, uNkulunkulu wabuyisana nathi ngokufa kweNdodana yakhe. I-Message Bible ikubeka kanje, “lapho sisebunzimeni obukhulu, senziwe saba nobuhlobo noNkulunkulu ngokufa okuwumhlatshelo kweNdodana yakhe.”

Ujesu usibiza ngokuthi singabangani bakhe, nakuba siqhubeka sona. Ake sikubone lokho njengobizo lokumdumisa ngothando esingasoze saluqonda ngokugcwele.

Letha Ekhaya

Ngiyibona kanjani indima yami endabeni yokubuyisana? Ingabe ngizizwa sengathi ngiletha ingxenye ethile yokulunga esivumelwaneni “esisiza” udaba lwami? Noma, ngiyazi ukuthi konke kumayelana noNkulunkulu onomusa owamukela isoni njengomngani? 

Thembela Ngaphakathi

Baba oseZulwini, uMoya wakho uyangincenga ukuba ngiphenduke, uthando lwakho luyangiphoqa ukuba ngize ngiphukile phambi kwakho, iNdodana yakho yangihlenga ngokufa kwayo esiphambanweni. Ngisize ukuba ngingalokothi ngikuthathe kalula lokho. Ameni. 

Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

‘Ukuhamba NoJesu’ kuwuhlelo lweBhayibheli lokusisiza sihambe noJesu ezahlukweni ezimbili zokugcina zikaMathewu. Siyama ukuze sigxile ezinsukwini zikaJesu zokugcina emhlabeni nokuthi lokho kusho ukuthini kithi. Lokho kungishintsha kanjani kulokho engiyikho nokuthi ngingokabani namuhla?  Sizozinika isikhathi sokugxila emiBhalweni futhi ‘siyilethe ekhaya’ ngemibuzo ezosenza sicabange ukuthi sikuphi ohambweni lokwazi uJesu.  

More

Sithanda ukubonga Susan Narjala ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.susannarjala.com