UNkulunkulu othembekileIsampula

A God Who Is Faithful

USUKU 7 KWEZINGU- 7

  

Ukuxhumana KweTestamente Elidala

Abantu baphula ubuhlobo babo noNkulunkulu eyebenzile. Indalo noMdali kwake kwahlanganiswa ubuhlobo obunikeza ukuphila, futhi isintu sanqamula isibopho ngokona kuMdali waso. Kusukela ngaleso sikhathi, ukuphila kuye kwagcwala ubuhlungu nokukhungatheka ngoba akubanga nawo amandla kaNkulunkulu anikeza ukuphila ageleza kukho. Kodwa uNkulunkulu uthanda abantu kakhulu ukuba abashiye bekulesi simo, ngakho wenza uchungechunge lwezithembiso zokukhipha abantu bakhe kuso.

IBhayibheli likhuluma ‘ngesivumelwano esisha’ uNkulunkulu asenza nabantu bakhe. Lesi sivumelwano asincikile emandleni abantu ukusigcwalisa ngokuthanda nokwethembeka kuNkulunkulu. Kunalokho, lesi sivumelwano sincike kuNkulunkulu. Kulesi sivumelwano, uNkulunkulu uthembisa ukusiza abantu bakhe ukuba balalele umthetho wakhe (Jeremiya 31:31 – 34). UNkulunkulu futhi uthembisa ukukhulula abantu bakhe ekufeni ababuyisele ekuphileni futhi abanakekele kuze kube phakade ( Hezekeli 37:24 – 26). Umbhali wamaHeberu wamemezela ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile futhi wasifeza leso sivumelwano ngoJesu. Umhlatshelo womphristi omkhulu uJesu udlula yonke imicikilisho yeTestamente Elidala. Ngakho-ke uJesu wagcwalisa imithetho yeTestamente Elidala. Wafeza imibandela yesivumelwano ngokuba umpristi owengamele isivumelwano. Ungumphristi oletha abantu bakhe phambi kukaNkulunkulu ( AmaHeberu 10:19)

Umkhuleko Wanamuhla:

Jesu, ngiyabonga ngesivumelwano esisha. Ngiyabonga ngokungikhipha ekufeni wangifaka ekuphileni. Ameni.

Ukuzinikela kucashuniwe The Jesus Bible, NIV Edition 

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

A God Who Is Faithful

Ukuqonda nokuzinikela okutholakala kwi-The Jesus Bible , uhlelo lokufunda lwezinsuku eziyisikhombisa lunikeza izibonelo lapho uNkulunkulu egcina izivumelwano zakhe ebandleni ebhayibhelini lonke. Kuleli viki, uzohlabeka umxhwele ngomusa kaNkulunkulu nokwethembeka kuka Jesu ukhumbule ukugcina izethembiso zakho kuNkulunkulu

More

Sithanda ukubonga uLouie Giglio, Passion Publishing, futhi HarperCollinsngokusinikeza lolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://bibl.es/YV-TJB-Faithful_God

Izinhlelo zohlobo olufanayo