Zila ukudla njengo DaniyeliIsampula

Fast Like Daniel

USUKU 18 KWEZINGU- 21

Umusa kusukela Ekuqaleni kuze kube sekuGcineni

Ulindele ukuzwa izwi likaJehova?Ngokwesiqiniseko, uma uthandaza, uyamlinda ukuba akuphendule? Ngzokutshela nje: ngeke uzizwe izimpendulo Zakhe uma ungamlindi akhulume noma uma ungayivuli indlebe kaMoya.

Abantu abaningi bacabanga ukuthi uJehova akasakhulumi, bacabanga ukuthi waphathwa umphimbo nje wayeseyeka ukukhuluma nabantu emandulo. Akekho umuntu onesikhathi salokho. Abanye bafundiswe kanjena, lapho abanye bacabanga ukuthi angeke kwenzeke kubona-bazitshela ukuthi uJehova ukhuluma nabaholi bamabandla amakhulu, kodwa bawuhlobo oluhlukile. 

Kodwa uJehova uyakhuluma nakubantu abajwayelekile njengawe nami? 

Yebo! Uyakhuluma. Akaguquki, kanjalo futhi akayeki ukukhuluma nabantwana bakhe. 

Kodwa siyekile ukulalela!

Ake ngenze isibonelo. Ake sithi ngishayela unkosikazi wami ucingo, uLaKendria, ebese ngikhuluma ngosuku lwami, nayo yonke into engifuna ayazi, ilist yezinto engidinga ukuzithenga, ukukhathazeka kwami ngabantwana bethu babafana, nezinselele esibhekene nazo ebhizinisini lami-ebese ngivala ucingo.

Engabe ingxoxo enjani leyo? Enhle? Cha lutho-Angeke ayeke ukungitshela ngayo kamuva futhi angaze athi "UXOLO!" Uma kuyindlela engikhuluma ngayo nonkosikazi wami njalo!

Phoke kungani sikwenza kuJehova lokhu?

Esifundweni sanamhlanje, uzobona ukuthi uJehova usibekezelela kangakanani uma efundisa uElija ukuzwa izwi lakhe. uElija wenza izimangaliso eziningi zikaJehova, kodwa ngaphezu kokukushaqeka kanye nokwesaba kwemimoya enamandla, ukuzanyazanyiswa komhlaba, kanye nesiphepho somlilo, uElija wathola ukuthi izwi likaJehova alinako ukumemeza.

Kepha liyanyenyeza

Uma ungalalele, ungaphuthelwa kalula umsindo.

Ingabe silalele? Noma sishaya ucingo lomthandazo, sishayela uNkulunkulu, silahlele kuye, simnikeze uhide lwezicelo zethu, ebese sibeka phansi ucingo?

Ngifuna uqede ukuzila ukudla ulindlele ukuzwa izwi lika Nkulunkuluelihlebayo. uJesu wathi izimvu zakhe-yithina sonke -sizwa izwi lakhe. Akathulile, futhi awukathandazi uzile nokudla uze ulangazelele ukuzwa uNkulunkulu ekhuluma nawe. 

Unezwi lakho namhlanje: "Thula, wazi ukuthi nginguNkulunkulu"(Amahubo 46:10). 

<1>Manje, <2>lalela
.

Usuku 17Usuku 19

Mayelana naloluHlelo

Fast Like Daniel

Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.

More

Sithanda ukubonga u-Scott Williams ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.fastlikedaniel.com