Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula
Noma inini lapho izingelosi ziza kulo mhlaba ziza zichichima injabulo okufanele ngokushesha ihlale (cf. Luka 2:13). Lomhlaba ufana nekamelo labagulayo, futhi lapho uNkulunkulu ethumela izingelosi zaKhe lapha Uzothi—“Manje thula; bagula kakhulu ngenxa yesono kangangokuthi abakwazi ukuqonda ubuhle bakho." Njalo lapho iveli lisusiwe kuba nokuhleka nenjabulo. Lezi izici ezingezikaNkulunkulu nohlelo lukaNkulunkulu lwezinto; ukudabuka nokucindezelwa kanye nokucindezeleka yizici zakho konke okungekona okukaNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi lapho senza ibhizinisi noNkulunkulu ngesivumelwano Sakhe futhi siyekele kuNkulunkulu ngokuphelele, akukho umuzwa wokufaneleka kukho, akukho nhlobo okuyingxenye yomuntu, kodwa umuzwa omangalisayo ophelele wokuba indalo kaNkulunkulu kangangokuthi siyaguqulwa isimo. Ngokuthula nenjabulo.Imibuzo Yokuzindla: Iyiphi iveli yemfundiso yamanga engivimbela ukuba ngithole intokozo yeNkosi? Ngigcine nini ukuphuphuma injabulo? Ukusungula nenjabulo kuhlobene kanjani? Izingcaphuno ezithathwe kokuthi Ukungazi Ukuphi, © Discovery House Publishers
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
More
We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org