Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

USUKU 21 KWEZINGU- 30

Yayiyini injabulo yeNkosi uJesu Kristu? Injabulo Yakhe yayiwukuqeda ngokuphelele umsebenzi uBaba Wakhe ayemnike wona ukuba awenze; futhi uhlobo olufanayo lwenjabulo luyonikezwa wonke owesilisa nowesifazane azelwe nguNkulunkulu futhi bengcwelisiwe, lapho sebefeza umsebenzi uNkulunkulu abanikeze wona. Uyini lowo msebenzi?

Ukuba ngongcwele, ohambayo, okhulumayo, ophilayo, incwadi esebenzayo yalokho uNkulunkulu uMninimandla onke angakwenza ngeNhlawulo yeNkosi uJesu Kristu—abebunyeni nokholo lukaJesu, abe munye othandweni lukaJesu, abe munye ngobuyena. ngoMoya kaJesu size sibe munye kuYe kangangokuthi umthandazo wompristi omkhulu awugcini nje ngokuqala ukuphendulwa, kodwa ubonakala ngokucacile ekuphendulweni kwawo—“ukuba babe munye, njengoba nje nathi simunye.”

Ujobe uveza umbono omusha ngoNkulunkulu; ithemba lakhe liwukuthi kuzovela umpristi ongeke nje achaze uNkulunkulu, kodwa futhi azichaze Yena. Kwakuwusizi olwaletha uJobe kule ndawo, futhi usizi yilo kuphela oluyokwenza; injabulo kayikho, noma ukuchuma, kodwa usizi.

Imibuzo Yokuzindla: Ngizama ngaziphi izindlela ukuthola injabulo lapho ngingahambi futhi ngingakhulumi njengoJesu? Yini eyenza ngicabange ukuthi lokhu kungenzeka?

Izingcaphuno ezithathwe kwethi- Approved To God nethi -Baffled to Fight Better, © Discovery House Publishers
Usuku 20Usuku 22

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.

More

We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org