Ukubekezela
Isimo sengqondo
Ukuba nesimo sengqondo esilungile kuzo zonke izimo kuyinselela yangempela. Loluhlelo lwezinsuku eziyisi khombisa luzokunika umbono weBhayibheli, ngendinyana emfushane yosuku ngalunye. Funda indinyana, uthathe isikhathi uzihlolisise ngeqiniso, bese uvumela uNkulunkulu ukuthi akhulume nesimo sakho. Ukuthola okunye, bheka i finds.life.churh
Linda
Siphila enkathini yejubane nokunethezeka. Kubukeka sengathi thina, njengabantu, siya ngokuya siphelelwa isineke. Ukuntula isineke kuvelaphi? Silwa kanjani nakho? Hlanganyela nathi ezinsukwini ezingu-10 ezilandelayo njengoba sicubungula lokho.
Funda ngeTestamente Elisha
Lolu hlelo luzokuvumela ukuthi ufunde ngqo kwiTestamente Elisha ngonyaka owodwa.
Nkulunkulu, Ukuphi?! No-John Bevere
Ingabe uzizwa ulahlekile ngesikhathi sobunzima, uyazibuza, “NKULUNKULU, UKUPHI?!” Kulolu hlelo oluvula amehlo, umbhali othengisa kakhulu uJohn Bevere ukuhlomisa ngemininingwane ebalulekile yebhayibheli nezindaba ezijulile ezizokusiza ukuthi uhlole izinkathi zakho zonyaka ezomile noma ezinzima futhi ungene kukho konke uNkulunkulu akuhlelele khona.
Ukubekezela
Sithemba ukuthi lolu hlelo lokufunda luzokukhuthaza ukuthi uthathe uhambo lokuhlakulela isithelo sokubekezela empilweni yakho. Eminyakeni embalwa edlule sithole ukuthi nakuba izimo zingajabulisi ngaso sonke isikhathi, uNkulunkulu uzozisebenzisa ukuze abumbe ubuntu bethu. Akufisayo ukuthi sibhekane nalezi zilingo ngokubekezela kukaNkulunkulu.
Thanda Njengo Jesu
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
Ungayeki
Wake wakhathala noma wehlulwe kakhulu empilweni waze wafuna ukuphonsa ithawula futhi ulahle ithemba? Ibhayibheli ligcwele isikhuthazo sokukhuthazela nokuqhubeka! Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku eziyi-7 luzokuvuselela ohambweni oluzayo.
Intukuthelo
Intukuthelo yenzeka kithina sonke! Impendulo yakho ekuthukutheleni isekelwa ukuthembela kuNkulunkulu nasekuzindleni eZwini laKhe. Cabanga nge-Reading Plan Trust kanye nesihloko esithi Intukuthelo. Amavesi alandelayo, lapho ekhunjulwa ngekhanda, angakusiza ukuthi uphendule kahle entukuthelweni. Vumela impilo yakho iguquke ngokukhumbula ngeMibhalo! Ukuze uthole uhlelo olunzulu lokukhumbula ngeMibhalo, vakashela ku: www.MemLok.com
Ngikhungathwe Izibusiso Zami (Ingxenye 3)
Isikhuthazo komama esivela kumama owethule izingane zakhe ezingu-7 futhi waphila ukuze azixoxele ngakho. Lokhu kuyingxenye 3 kwezingu-12 zokuzinikela kulolu chungechunge oluvela kuRobin Meadows