KuThithu 3:3-8
KuThithu 3:3-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana. Kepha emva kwalokho kwabonakala umusa nothando lukaNkulunkulu uMsindisi wethu kubantu. kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele; eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu; ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade. Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.
KuThithu 3:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana. Kepha lapho sebubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele, amthululela ngokwevileyo phezu kwethu, ngaye uJesu Khristu uMsindisi wethu, ukuze sithi silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu
KuThithu 3:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu, ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu
KuThithu 3:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana. Kepha emva kwalokho kwabonakala umusa nothando lukaNkulunkulu uMsindisi wethu kubantu. Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele; eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu; ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade. Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.