KuThithu 3

3
KuThithu 3
1Bakhumbuze ukuba bathobele izikhulu namandla, balalele izinduna, balungele yonke imisebenzi emihle;
2Bangahlambalazi muntu, bangabi-ingxabano, kodwa babe mnene, bebonisa ubumnene bonke kubantu bonke.
3Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.
4Kepha emva kwalokho kwabonakala umusa nothando lukaNkulunkulu uMsindisi wethu kubantu.
5kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele;
6eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;
7ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade.
8Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.
9Kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zozalo, nokubanga, nokubanga ngomthetho; ngoba azisizi futhi ziyize.
10Umuntu ongumhlubuki emva kokuyalwa kokuqala nokwesibili umlahle;
11lisazi ukuthi onjalo uphambukisiwe, njalo uyona, ezilahlile yena.
12Nxa ngithuma u-Artemase kuwe noma uThikhiku, khuthala ukuza kimi eNikopholi, ngokuba nginqume ukuhlala khona ebusika.
13Uze ukhuthalele uZena, usazimthetho, loApolosi, bahambe ngohambo lwabo, ukuze bangasweli lutho.
14Nabethu mabafunde ukugcina imisebenzi emihle ngokuswela, ukuze bangabi abangatheli.
15Bonke abanami bayakhonza kuwe. Bingelela abasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Amen. (Yabhalelwa uThithu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lamaKrethe, waseNikopoli yaseMakedoniya.)

Okuqokiwe okwamanje:

KuThithu 3: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo