KwabaseRoma 7:1-6
KwabaseRoma 7:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na? Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. Ngakho-ke uma umyeni wakhe esekhona, uyakuthiwa isifebe, uma eba ngowenye indoda; ukuze angabi sisiphingi, noma engendela kwenye indoda. Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo. Ngokuba lapho sisenyameni, inkanuko yezono eyayingokomthetho yasebenza ezithweni zethu ukuba sithelele ukufa isithelo. Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.
KwabaseRoma 7:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kanti anazi yini bazalwane, ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngaso sonke isikhathi esaphila na? Ngokuba owesifazane oganile ubophelekile ngokomthetho endodeni yakhe, inqobo nje uma isaphila; kodwa uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. Ngalokho-ke uma indoda isaphila, yena bese eba ngowenye indoda, uyakubizwa ngesindindwa, kodwa uma indoda isifile, ukhululekile emthethweni, akasiso isindindwa, uma eba ngowenye indoda. Kanjalo nani bazalwane bami, nafa maqondana nomthetho ngomzimba kaKhristu, ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithele izithelo kuNkulunkulu. Ngokuba sisesenyameni, izinkanuko zezono ezavela ngomthetho, zasebenza ezithweni zethu ukuze zithele izithelo zokufa. Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho okwakusithiya ukuba sikhonze emoyeni omusha, hhayi ngendlela endala yomthetho.
KwabaseRoma 7:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kanti anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na? Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. Ngalokho-ke lapho indoda isekhona, uyakuthiwa isiphingi, uma eba ngowenye indoda; kepha nxa indoda isifile, ukhululekile emthethweni, angebe yisiphingi, uma eba ngowenye indoda. Kanjalo nani bazalwane bami, nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo. Ngokuba kwathi sisenyameni, ukuhuheka kwezono okwavela ngomthetho kwasebenza ezithweni zethu ukuthelela ukufa izithelo; kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala.
KwabaseRoma 7:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)