KwabaseRoma 5:9-11
KwabaseRoma 5:9-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke sesilungisisiwe ngegazi lakhe kakhulu, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma, siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana. Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukele ngayo ukubuyisana.
KwabaseRoma 5:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke kakhulu kangakanani sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, esamukeliswe ngayo ukubuyisana.
KwabaseRoma 5:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana; kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.
KwabaseRoma 5:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)